BAHLELELWE isigcawu sabo abaculi no-DJ baseThekwini ngenhloso yokubahlomisa ngolwazi oluthinta ibhizinisi lomculo.
Lesi sigcawu semboni yeDance Music sibanjelwe eBotanical Gardens namuhla kusukela ngo-10 kuya ku-4 ntambama, ngaphambi kwendumezulu yomcimbi ezoba seMojo’s.
Abahleli balesi sigcawu nguRalf Gum oyinkakha kaDJ edabuka eGermany kodwa esizinze kuleli, ngokuhlanganyela neHhovisi leNxusa laseGermany elisePitoli neSouth African Music Performance Rights Association (SAMPRA).
Ekhasini lakhe kuFacebook uveze ukuthi iTheku lizovulela abanye indlela njengoba besazohambela namanye amadolobha benze okufanayo.
NgoNovemba 19 bazobe bese-The Gallery on Produce eGqeberha bese bedlulela eBridges For Music eKapa ngomhlaka-26.
Uthe inhloso yabo enkulu wukufundisa amaciko eza emuva kwabo ngezinto ezibalulekile kule mboni yomculo.
“Kuningi abazokuthola abazobe behlanganyele nathi ngoba sinezikhulumi eziningi futhi ezizobe zithinta izihloko ezibalulekile. Phakathi kwazo kubalwa izinkontileka, ukuhlelwa kwemicimbi, ukubhalwa kwezingoma kanjalo nezindlela zokuzilondoloza besendimeni yomculo,” usho kanje.
Izikhulumi ezibhekwe ngabomvu ngoDJ Christos, Sir LSG, DJ Ganyani, Vinny da Vinci, Lady Sakhe nabanye abaningi.
URalf Gum akaconsi phansi kubathandi bomculo we-house kanti maningi amanoni akhe ayizintandokazi kubantu bakuleli nasemhlabeni jikelele.