INDODANA kangoti wamasiko, uSolwazi VVO Mkhize, uSiyabonga Mkhize ithi bazobheka izinto ezihlukene ezithinta inhlawulo ohlelweni lwethelevishini oluthi Inhlawulo-Damages, olukhonjiswa kwi-e. reality, ku-Open View, ngo7.00, ebusuku.
USiyabonga waseMgungundlovu, ohamba ezinyathelweni zikayise njengoba enesiphiwo sokuhlola, uthe uthole ithuba lokwethula lolu hlelo ngemuva kokuthi evele ohlelweni lwasekuseni khona kwi-e.tv lapho ayekhuluma khona ngezinto ezithinta isiko nokwelapha.
Ekhuluma neSolezwe uthe kusho lukhulu kuye ukuthola ithuba elifana naleli njengoba izinto zesiko ezithanda njengoyise.
“Bangitshela ngalolu hlelo bathi ngingaba umethuli ongalwethula ngendlela abafuna ngayo, njengoba lugxile kakhulu esimenii esibhekene naso manje kuleli sokwanda kwezingane ezizalwa ngaphandle komshado. Ngakho sizobheka ukuthi ingane ezalwe ngaphandle komshado ize ikhule ibe ndala bese ihlangabezana nenkinga yesibongo kumele kwenziwe njani ukuze ilungelwe izinto,” kusho uSiyabonga.
Uthe bazobheka ukuthi ingane kumele ihlawulwe kanjani uma kuza ezintweni ezithinta amasiko, babheke nokuthi kungani izingane kumele zilotsholwe ukuze kugcineke usiko.
“Abanye bazovela besho ukuthi konke kwenziwa kodwa bese sibheka ukuthi kwenziwa ngakho yini, ohlelweni sizobheka ukuthi umuzi wagezwa yini? Sizophinde sibheke ukuthi uma ingane ihlawulwa kusuke kuhlawulwa ini. Sizobheka ukuthi uma umuntu wesifazane esethole ingane yesibili kubantu abahlukene ingabe nayo leyo ngane kumele ihlawulwe yini noma kumele nje ilotsholwe,” kuchaza yena.
Uthe inhlawulo nokugezwa komuntu kuhlukene ngakho kumele kucaciswe yingakho bezokhuluma nabantu abaqhamuka ezizweni ezihlukene kuleli ukuze kubhekwe ukuthi kumiswa kanjani.