UZOKHONJISWA amasizini amathathu kuphela umdlalo okhuluma ngempilo yeSilo samaZulu, uShaka, ozokwaziwa ngokuthi Shaka-Ilembe.
Umdlalo, ozoqoshwa kabusha, uzokwenziwa yinkampani iBomb Production esikhiqize imidlalo okukhona kuyo iYizo-Yizo, Zone 14, Isibaya, Isithembiso neminye.
Omunye wabaphathi beBomb, uTeboho Mahlatsi, uthe okwenzeka kuxoxwa ngomlando kaShaka ukhonjiswa kuthelevishini akwenziwanga ngendlela.
“Umdlalo okhuluma ngoShaka esawubona kuqala kuthelevishini wawukhombisa izinto zabamhlophe futhi wawukhuluma nolimi lwesiLungu. Omusha uzogxila esizweni samaZulu, ukhulume lona ulimi lwesiZulu. Okunye okuzogqama kuwo ngeke nje sibone impilo eyayiphilwa nguShaka kuphela kodwa sizobona ukuthi ezinye izizwe okukhona kuzo esaKwaMthethwa, esaKwaNdwandwe, esaKwaQwabe, esamaHlubi nesamaZulu zaziphila kanjani,” kusho uMahlatsi.
Uthe abavelanga nje bafuna ukuqala umdlalo kodwa kubathathe iminyaka emibili ukwenza ucwaningo behlangana nezazi zamasiko nendlu yasebukhosini bamaZulu.
“BesiKwaNongoma nje siyohlangana nomndeni weSilo esikhona manje. Yize singakahlangani naso kodwa siyazi ngakho konke okwenzekayo. Sinxusa intsha yaKwaZulu-Natal ukuthi iphume ngobuningi uma sesiqala inhlolokhono. Umdlalo sizowuqopha kuso lesi sifundazwe,” kusho uMahlatsi.
Isizini yokuqala izokhuluma ngokuzalwa kweSilo uShaka, eyesibili izobheka ukukhula kwakhe kuze kube uba yinkosi, eyesithathu iyobe isibheka ukubulawa kwakhe nokwasala kwenzeka ngemuva kokukhothama kwakhe.
Uthe kubalingisi bazoba khona abasha nabadumile ngoba bafuna ukuxuba ithalente.
“Okumele abantu bakwazi wukuthi okwabonakala ekuqaleni kusuka ezingomeni nasemahubeni ngeke kube khona kulokhu, sizokwenza okusha kodwa.”