ABAHLELI beGcwalisa Spring Picnic All White banethemba lokuthi ngokuqasha kwabo abaculi bezinye izinhlobo zomculo kuzokwenza ukuthi baqashe abakamaskandi emicimbini yabo abayihlelayo.
IGcwalisa, exhaswe yiSolezwe, izosingathwa okwesibili eKings Park Stadium, eThekwini, ngoNovemba 4.
Ngesikhathi umcimbi wethulwa kwamenyezelwa abaculi abangu-10 bakamaskandi abazonandisa, abakhethwa ngokuba nezingoma ezibukwe noma ezidlalwe kakhulu ku-Youtube.
Abaculi nguGatsheni, Luve, Ntencane, Mthandeni, SK, Falabo, Umketule, Inkosi Yamagcokama, Umafikizolo noLimit, bazoshiyelana inkundla.
NgoLwesithathu ebusuku kumenyezelwe okungebona abakamaskandi. Kukhona kubo uDJ Maphorisa noKabza de Small, Cassper Nyovest, Joyous Celebration, Big Zulu, Daliwonga, Young Stunna, DJ Tira, Matt Davies & Tim Lewis, Lwah Ndlunkulu, DJ Happy Gal nabanye abaningi.
Omunye wabahleli bomcimbi, uMthokozisi Zuma, uthe inhloso yabo wukuhlanganisa abaculi.
“Sibahlanganisa ngokuhlukana ngezinhlobo zomculo kodwa bemenywa esiteji somaskanda. Omaskanda ngabantu abangaqashwa emcimbini ehlelwa ngabanye bezinye izinhlobo zomculo.
Sifuna babone ukuthi sisonke, sindawonye futhi siyafisa ukuthi basimeme nathi. Asifuni kuthiwe le nkunndla ngeyomaskanda kuphela, ngeke bangene abanye.
Nakwi-hip hop akungashiwo ukuthi abanye bezinye izinhlobo ngeke bakwazi ukungena khona,” kusho uMthokozisi.
Namhlanje ngo-12 ebusuku kuyavalwa ukuvotela abanye abaculi bakamaskandi abangu-10 abazofakwa emcimbini. Laba kufakwe izithombe zabo ekhasini lomcimbi kwiFacebook futhi abazothola o-‘like’ abaningi yibo abazoqashwa.
“Siyafisa abantu bayovota, ikakhulu ngoba le ndlela inika bona amandla okuzikhethela abantu ababadingayo. Omaskanda baningi, ngeke sikwazi ukubaqasha bonke.
Ukube kunjalo kungamele senze umcimbi ozodonsa izinsuku ezimbili. Abantu abaphuthume bavote,” kuchaza yena.
Amathikithi aseqalile ukudayisa eComputicket naseTicketpro ngemali esuka kuR150.
“Amathikithi ahamba kahle. Seneme ngendlela aphusha ngayo. Sihlose ukudayisa aphakathi kuka-8 000 no-10 000. Abantu abaphume beyowathenga bangalindi imizuzu yokugcina.”