BAFUNA nezinye izingoma abalandeli bomdlalo Umkhokha: The Curse ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi ingoma eyibika lomdlaloi iMkhululi Wezoni isizotholakala ezitolo zomculo ze-internet kusuka ngenyanga ezayo.
Umkhokha khonjiswa ngo-8.30 ebusuku phakathi nesonto kuMzansi Magic.
Kuleli sonto kuvele izindaba zokuthi le ngoma izophuma ngoSepthemba 1.
Ngokwesitatimende esikhishwe ekhasini lalo mdlalo ku-Instagram, le ngoma eculwa Umkhokha Choir ididiyelwe nguZithulele Khwela.
Le ngoma eyintandokazi nasezinkundleni zokuxhumana ichazwa njengekhuluma ngokubaluleka kokukhululeka.
Umdidiyeli womdlalo uDuma Ndlovu uthe iyamangalisa indlela ebe nedumela ngayo kubantu nokuwubufakazi bamandla omculo.
“Siyajabula ngokuthi ekugcineni iyaphuma iMkhululi Wezoni emphakathini,” kusho uDuma.
Kusuka abantu bezwile ngokuphuma kwayo abanye bajabule futhi abanye bathe bafuna nezinye ezizwakala eziqeshini zomdlalo.
Ethintwa uDuma izolo ukhale ngokuba semhlanganweni wacela kushayelwe owezokuxhumana uThanduzolo Jindela, ucingo lwakhe belungabanjwa.
UMakhosazana Namane ubhale ku-Instagram ukuthi uzifuna zonke izingoma.
“Niyanqena ukukhipha i-albhamu?” kubuza uLungile Bhunange.
UThoba Shangase ubuze ngengoma ethi Oh Thokoza, uThabisile Zondo waphawula ngokuthi indodakazi yakhe iyazifela ngayo,
“Sekuyisikhathi! Sicela nivele nisinike i-albhamu enezingoma zoMkhokha,” kubhala uTruly Vikki.
Kwenzeka lokhu nje, omunye umdlalo okhonjiswa kwiMzansi Magic, uShaka Ilembe, usanda kukhipha iqoqo lezingoma eziyisikhombisa ezihambisana nawo umdlalo.