UKWENZA kahle kwamanye amaPodcast akuleli uma kuza kubabukeli kuwavulele amasango njengoba amanye angu-8 ahamba phambili esezobonakala kwithelevishini.
Enye yalama Podcast asezakhele igama yiPodcast and Chill, kaMac G, ayenza ngokubambisana noSol Phendulka noGhost Lady.
Kusukela ngenyanga ezayo amaPodcast azobonakala eziteshini sakwaDStv, iMzansi Magic noMzansi Wethu.
Ekhuluma ngaleli gxathu abalithathile uShirley Adonisi obhekelele izinhlelo zakuleli kwi-DStv uveze ukuthi lokhu sekuwukushintsha kwezinto, emkhakheni wethelevishini ne-internet.
“Leli yiIthuba elinika intsha ukuthi ibone futhi ibe nemibono ezinkulumweni ezehlukene ezixoxwayo ezweni. Njengesiteshi siyathanda ukubheka ukuthi yini intsha eyibhekile nekhuluma ngayo bese siyilandela ukuze senze izinto zibe lula. Ikhasi elisha leli esithemba ukuthi abantu bazolijabulela,” kuchaza uShirley.
Uveze ukuthi bonke ababakhethile kukhona abakwenzile emphakathini kuleli ngokuletha izindaba ezixoxwa kumaPodcast abo, futhi bayathemba ukuthi nomphakathi uzolwamukela lolu shintsho.
NgeSonto eledlule kuqala uhlelo iBig Brother Mzansi osaziwayo abanamaPodcast, okukhona kubo uLasizwe, Sfiso noFarieda Metsileng babonakale esiteji noSmash Afrika kodwa kwangacaca ukuthi bazokwenzani.
UShirley uthe kuMzansi Wethu kuzokhonjiswa ayisithupha okukhona kuwo:
I-Piano Pulse ezokwethulwa uMunaka, Thakgi noSfiso, PNC (People Need Comedy) eyethulwa uMpho Popps, Tsitsi Chiumya noFarieda Metsileng, Podcast and Chill with MacG eyethulwa uMacgyver "MacG" Mukwevho, Sol Phenduka noGhost Lady, Against the Wall Podcast with Skeem GP ebheka izindaba ezihlukene zasemajele nabantu abaphuma khona, Open Chats eyethulwa uMthokozisi Methula noSino yona ebheka izindaba ezithinta ezothando, ISpreading Humours eyethulwa uSeemah, Yanda noZille, ekhuluma kakhulu netsha ngezinto ezenzeka ezinkundleni zokuxhumana nezinto ezihamba phambili khona.
Lezi zinhlelo zonke zizoqala kuMzansi Wethu (163) kusuka ngo-Ephreli 7 ngo-5.30 ntambama.
KuMzansi Magic (161) khona uLasizwe uzobonakala eba nezingxoxo ebezijatshulelwa abaningi ohlelweni lwakhe i-Awkward Dates with Lasizwe, lezi zingxoxo uzenza bejabulela isidlo sasemini ezindaweni eziphambili eGoli.
IJoseph Dary: Exchanging Phones eyaziwa ngokunika izithandani ithuba lokushintshana ngezingcingo zazo imizuzu engu-60, ukuze zibone ukuthi zisathembene yini othandweni lwazo .
Zombili lezi zizoqala ngo-Ephreli 12 ngo-9 ebusuku nango-9.30.