UMLINGISI womdlalo wakuMzansi Magic, iThe Queen, uThemba Ndaba odlala indawo kaBrutus Khoza uthi, akananxa nezitabane, usuke eqhuba umsebenzi wakhe.
Lokhu kulandela iziqephu zakhe zakamuva lapho evela engafuni nokuyizwa eyokuthi indodana yakhe uBhekumuzi iyisitabane, ithandana noPrince (Moshe Ndiki).
UBrutus ungundabamlonyeni kulezi zinsuku kubathandi beThe Queen njengoba eze wakhomba indodana yakhe ngesibhamu ngoba ecasulwa ukuthi iyisitabane.
Ebuzwa ngendawo ayidlalayo uThemba uthe, kubalulekile ukuthi umlingisi enze ucwaningo ngendawo asuke eyidlala ukuze enze abantu bayikholwe.
“Uma ngilingisa, ngiveza umlando walowo muntu, izinto azithandayo nangazithandi. Kubalulekile ukuveza nezinto akholelwa kuzo.
“Ngakho uma ngilingisa kumele leyo ndawo engiyidlalayo ngiyiveze kahle.
“Anginamizwa ngendawo engiyidlalayo, ngisuke ngiveza okwenzekayo emphakathini,” kusho uThemba.
Uthe kuyamangaza ukuthi abantu abaningi bayazifela ngoBrutus kusukela kubantu abasha kuya kwizalukazi namakhehla.
Ebuzwa ngokuthi akasabi yini ukuthi uBrutus ugqugquzela inzondo nokuhlukunyezwa kwezitabane uthe: “Umsebenzi womlingisi ukuveza indlela abanye abantu abacabanga ngayo.
“Kuyiqiniso ukuthi kunabantu abasacabangisa okukaBrutus, ngakho umlingisi kumele aveze ubunjalo babo ngaphandle kokwesaba.
“Le nto ifana nokuthi uma umuntu edlala indawo kamalugaju akuchazi ukuthi kuzokwanda omalugaju kodwa kuzoveza uhlobo oluthile lukamalugaju,” kusho uThemba.
Uqhube wathi yena ngesingaye uyaziqhelelanisa nokucwasa ngobuhlanga, ngobulili kanye nenzondo ebhekiswe kwabanye abantu.
“UNkulunkulu usithanda sonke, ngakho akekho okumele azibone engcono kunomunye,” kusho yena.
Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini uThemba uke walingisa indawo yesitabane emdlalweni wamahlaya
kuSABC1, iStreaks eminyakeni eyedlule.
Ebuzwa ngalokhu uthe uma enikezwe indawo yokuthi ayidlale wenza isiqiniseko sokuthi uyilingisa ngendlela, abantu baze bacabange ukuthi ngumuntu wangempela.
Uthe kuyamsiza ukuthi adlale izindawo zabantu abahlukene ngoba kubonisa amava akhe njengomlingisi.