UZALO
Ngo-8.30 ebusuku, kwiSABC 1
USBU ongasolisi usetshenziswa abantu abakhulu abayizitha zakhe. Ukuhlukunyezwa kuka-Olwethu kuyaqhubeka. Into ebalulekile empilweni kaGeja imphunyuka ezandleni. UNkunzi ubuyela eNdlende ngezinhloso ezingezinhle. AbakwaXaba bathola ukuthi izinkinga zabo ziyanda. AbakwaXaba benza isivumelwano futhi lokho akuhlali kahle kuMaDongwe. Kuvutha uthando eNdlende. Uthishomkhulu uncenga u-Olwethu ukuthi abuye esikoleni. Ukusondelana obekungalindelekile kuyenzeka phakathi kukaGeja noNokuthula.
MUVHANGO
Ngo-9 ebusuku, kwiSABC2
ITHEMBA lokugcina likaTendamudzimu lokuthola indodakazi yakhe lilele kuRazia, kodwa ingabe uzomsiza? UReneilwe ucasukile ngendlela umama wakhe aziphethe ngayo. UVhangani noLipuo bayasondelana. Abendlu yasebukhosini ngokuxhamazela bazama ukusebenza nomphakathi, njengoba benokusaba ukuthi kungenzeka bangaphinde bayibone intombazane ethunjiwe. UVhangani noLipuo bayodla isidlo sasebusuku ndawonye. Uzithola esesimweni esiyingozi uManditi. Ukusindiswa kukaTshifhiwa kujatshulelwa kancane njengoba kuba khona abamhlaselayo futhi. Uhlangana nomphakathi waseThathe u-Azwindini njengoba kukhona azokukhuluma nawo. URomeo noJuliet (uVhutshilo noNdiwavho) balwela uthando lwabo. Umseshi uSithole ubatshela izindaba ezimnandi abaphathi baseMMC. Uyakhishwa ecaleni akade abhekene nalo uShaz.
GENERATIONS: THE LEGACY
Ngo-8 ebusuku, kwiSABC 1
UYAQALA ukuhlanganisa isigaba sokuqala seqhinga lakhe uLucy. U-Ayanda wehlisa kancane othandweni akade enalo. UNozipho utshela uKhumo ukuthi uzokwenza ngendlela yakhe, hhayi ngeyomunye umuntu. UNkosiyabo akakuthandi okwenziwa indodakazi yakhe njengoba kukhona emfihlela khona. Yini le amawele aKwaMoroka azama ukuyifihla. UCosmo (Ronnie Nyakale) akajabule ngesicelo esifunwa usisi wakhe. UKea kukhona akuthintayo kumuntu athandana naye uma emphoqa ukuthi akhulume iqiniso. U-Anathi uyavuma ukwenza into u-Ayanda engazi. UKhensani usekulungele ukutshela uSphe ukuthi waqanjelwa amanga. UWarden Jafta uyaphuma futhi ufuna ukuziphindiselela.
SCANDAL!
Ngo-7.30 ebusuku, kwi-e.tv
KUKHONA abamangalayo uma uDintle kukhona akuvezayo futhi okuheha abaningi. Isicelo sikaNhlamulo senza uMdala (James Sithole) alangazelele okuningi. Amanga kaNhlamulo enza abaningi bamkholwe. Owesilisa osemncane uhlukene phakathi ngokuthi athembeke noma ahlonishwe. UDintle uyabona ukuthi ubhekene nomuntu onjani njengoba esebunzimeni, futhi kwala kancane alahlekelwe into eyimfihlo alwa ngayo. UMdala udliwa unembeza futhi uzama ukulungisa isimo sakhe nomunye wesifazane. ULayla uqala ukuhlanganisa izinto ngendlela azibona ngayo kodwa into ebalulekile iwela kumuntu obekungamele azi ngayo. UMbuso uthola ukuthi ukuba neqiniso ngesinye isikhathi akusizi.
HOUSE OF ZWIDE
Ngo-7 ebusuku, kwi-e.tv
UZANELE utshela uZola omangele ukuthi uFaith uyameseka ekutheni asule amacala abhekene nawo. U-Isaac uxhumana noBra Zakes onqaba ukwenza uxolo naye. Umhlangano ophakathi kukaZola noFaith uthatha elinye igxathu njengoba ezithola esemkhomba ngesibhamu. UFaith uyamphoqa ukuthi azifake enkingeni ngokuthi aqophe umyalezo awuthumele kuZanele ngaphambi kokuthi azibulale. Uyaphoxeka u-Isaac uma uBra Zakes ekubeka kucace ukuthi uyahamba eTembisa futhi ngeke aphinde abuye uma bengaxolelani. UMakho, oyinkabi, kuvela ukuthi ungumngani omdala ka-Isaac.
GQEBERHA: THE EMPIRE
Ngo-9 ebusuku, kuMzansi Magic
UVUYOKAZI uyasondela ekutheni athole uStokkie. UFuneka (Unathi Guma) uyabuya uzobona izingane zakhe futhi ulungisa lapho konakala khona. Efuna ukuthi uZimkhitha amxolele, uNtando uyavuma ukuthi benze ubugebengu obuthinta umshado wakhe. UNomaflower kuyamphoqa ukuthi aqede uthando analo ngoNtando. UMsimelelo uzizwa ephoxekile ngezinto ezenziwa izingane zakhe. UStokkie uthola uxhaso aludingayo. ULulama uxhumana noThulani ukuze asize umngani wakhe, kodwa uThulani akafuni ukuzifaka. UMzukisi noGubevu bazithola bekubantu abakade bengalindelekile ukuthi bangazihlanganisa nabo.
UMKHOKHA: THE CURSE
Ngo-8.30 ebusuku, kuMzansi Magic
USPHA uvula iminyango yesonto kumuntu owaziwayo ebandleni. UDifa uqinisa inhliziyo yakhe kuNobuntu. UMabusi uthumela uNokubonga endaweni akade engalindele ukuya kuyo. Impilo kaNobuntu iheha uSibahle. UMabusi uyaqhubeka nokuphoqa uNokubonga ukuthi enze into efunwa nguye. Kufinyelela esigabeni sokuthi kuphele noma baqhubeke nabakwenzayo, uNobuntu noMenga.