AMABHINCA agijimele esteji ngenxa yenjabulo ngesikhathi umsunguli wamaSouth African Traditional Music Achievement (Satma) Awards, uDkt Dumisani Goba, ememezela ukuthi lo mqhudelwano wezindondo ubuyela KwaZulu-Natal.
Ekhuluma emcimbini obusezinkundleni zemidlalo zaseMbombela Stadium, eMpumalanga, uGoba uthe iKZN izobungaza lo mncintiswano wamaciko omdabu akuleli iminyaka emithathu.
"Azoqala onyakeni wesi-18, 19 nowesi-20. Kunyaka wesi-20 kuyoba nendumezulu yomcimbi ukugubha ukuphela kwale minyaka kwasungulwa amaSatma." Engakaligwinyi uGoba, kube sekutheleka amabhinca esteji ehuba izingoma zakwaZulu maqede kwachwaza inkundla. UGoba usithulele isigqoko isifundazwe, iMpumalanga ngokusingatha lo mqhudelwano kusukela ngo-2020 kwaze kwashaya u2022. Uthe lesi sifundazwe siwasingethe kabi amaSatma kusabhoke ubhubhane lweCovid-19 nokuvalwa kwezwe.
"Kulo nyaka kugcwale kwathi phama futhi amathikithi athengwa ngobuningi." Uthe lo mqhudelwano ukwazile ukuheha izivakashi futhi watshala izigidi zamarandi ngenhloso yokufukula umnotho wakulesi sifundazwe.
Kubaculi abanandise kulo mcimbi kubalwa uCevuzile, Intaba YaseDubai, uNomcebo Zikode, Lebo Sekgobela, Zama Khumalo wodumo kuma-Idols, Nathi Mankayi nabanye abaningi.
Abawinile ngoNombika Black Boys kwiBest Mbhaqanga nakwiBest Traditional Acappella Group, Gatsheni kwiBest Song of the Year, uDumakahle kwiBest Maskandi Artist, uZamamboe Mkhize kwiBest Tradional Social Influencer, iDaniel Brothers kwiBest Afro Soul, uLunga Ngamle weZibonele FM kwiBest Traditional Music Community Radio Presenter, uNomsa Mkhonza weBomsa Clothing kwiBest Traditional Outfit, uTom Perez weMotsweding FM kwiBest Traditional Music SABC Radio Presenter, uMa'onas The Melodian kwiBest Upcoming Artist, uNtombi Ya Mutsonga kwiBest Indigenous Poet, uVenda Boy kwiBest Praise Singer, iBurning Fire kwiBest Reggae Artist/Group, uMthobisi Mthalane kwiBest African Jazz Artist nabanye.
Uhlelo lwalo mcimbi beluphethwe wumlingisi nomethuli wezinhlelo zeTV, uLesley Musina nomlingisi, uKajal Maharaj.