UNQUNYELWE ugwayi katiki umasikanda uKhuzani “Indlamlenze” Mpungose emuva kokwehluleka ukufika emhlanganweni abebizwe kuwona yikomiti loxolo elibunjwe amakhosi ezizwe ezahlukene.
UKhuzani ubebizwe ukuba avele ekomitini ngoLwesine, eSanlam Centre eMpangeni kodwa wangafika. Umdidiyeli wekomiti uDkt 3 Seconds obuye abe yinyanga, uthe lo mculi kufanele afike ngoJuni 21 uma kungenjalo uzolutheza olunenkume.
Ukubizwa kwakhe kusukela empini ephakathi kwakhe noMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele, angcofana naye ngezingoma. Impi yalabo maskanda inomlando omude njengoba kuke kwaphuma nesidumbu komunye umcimbi womaskanda nokwadala ukuthi amakhosi angenelele ngoba ephebeza umkhokha wokufa kwabalandeli bakamaskandi.
UKhuzani usolwa ngokuphehla udweshu nakuba sebalanyulwa kodwa yena wakhipha icwecwe elithi Inhlinini Yoxolo nokusolwa ukuthi uhlekisa ngoxolo olwaba phakathi kwakhe neGcokama.
“Akakazwanga ukufika kodwa inkosi yakhe ifikile yachaza ukuthi umatasa nomsebenzi, ngeke akwazi ukuvela. Umhlangano olandelayo kufanele angaphuthi nhlobo ngoba uyobe ezithintele iziqandu," kusho u-3 Seconds.
Uthe amakhosi aphoxekile ngesenzo sikaKhuzani ngoba nawo abeshiye imisebenzi yawo ebalulekile eza emhlanganweni.
UKhuzani ethintwa ngalolu daba uthe, ubematasa ethwebula ivideo ehambisana nomkhankaso wakhe wokusoka ayinxusa lawo.
Uthe uxolisile emakhosini.
“Lo msebenzi engimatasa nawo uxhaswe ngabelungu baphesheya, manje bekuyinto ebalulekile ukuthi ngingaphuthi kuwo. Uma ngike ngaphutha bengingaphucwa ngisho ukuba yinxusa. Ngicele inkosi yakithi ukuthi ifike ingixolisele kubo bonke abahlonishwa,’’ kuchaza uKhuzani.
Uthe zonke izinqumo ezithathwe kulo mhlangano uyahambisana nazo, futhi uyazihlonipha.
Kuvele nokuthi emhlanganweni olandelayo kubizwe nabaphathi beziteshi zomsakazo ezidlala umculo kamaskandi ukuze bazoba yingxenye yokuzama ukuphemba ukuthula.