INTOKAZI yaseNewcastle, u-Anele Zondo isiveze ukuthi yize isishiyile ohlelweni iMassive Music, kwiMzansi Magic(161) kodwa isazobonakala endimeni yomculo.
U-Anele, obesehlale iminyaka emine ohlelweni uthe kube yisibusiso kuye.
“Kulolu hlelo ngabizwa khona ukuze ngizoxoxa udaba oluthinta umculo. Kuyona yonke le minyaka ngibe yingxenye yenu njengoba benihlala ningibona kwithelevishini. Kube yisibusiso kimina ukuba sesiteji nabantu abahlukene abahlonishwayo emculweni.
“Lokhu kuyohlala kube yithuba eliyingqayizivele kimina. Njalo ngoLwesihlanu bengigibela esiteji nginokuziqhenya ngoba ngimele isiteshi esiqhakambisa umculo wakuleli kuphela, oxoxa ngeqhaza lawo ngezindlela ezahlukene, kodwa manje konke lokho sekufinyelela emaphethelweni,” kusho u-Anele.
Uthe ukushiya kwakhe uhlelo akusho ukuthi sekuphelile ngaye emculweni kodwa usabheke phambili ekutheni kuvuleke amanye amathuba.
“Ngiya emadlelweni aluhlaza manje, ngiyathemba abantu bakuleli bazoqhubeka bangixhase. Ngiyazi ukuthi ngizoqhubeka nokukhula lapho engiya khona. Ngiyabonga kubasunguli bohlelo ngokukholelwa kimina. Ngiyabonga kozakwethu uLalla noSmash Afrika esisebenze kahle nabo,” kuchaza u-Anele.
Le ntokazi ishiya uhlelo nje ingoma yayo ethi Ingwe yenza kahle enkundleni uTik Tok, futhi isiyatholakala kuzona zonke indawo ezidayisa umculo kwi-internet.