UMCULI waseMelika (USA), uKeyshia Cole, ngeke esalubeka kuleli njengoba bekulindelekile ngenxa yomlilo oqubuke edolobheni iLos Angeles ocekele phansi umuzi wakhe.
UKeyshia bekulindeleke ukuthi anandise emadolobheni amathathu kuleli okukhona iJohannesburg ngoJanuwari 25, ePitoli ngoJanuwari 24 naseKapa ngoJanuwari 26.
Ngokwesitatimende esikhishelwe abezindaba, baveze ukuthi lo mculi ngenxa yokuthi umlilo umhlaselile ngeke esakwazi ukuba yingxenye yekhonsathi abezoza kulo.
“Umlilo umthintile naye ngqo la ahlala khona njengoba elahlekelwe izinto eziningi kuhlanganisa nomuzi wakhe. Ngalokho umcimbi ngeke usaba khona. Yena nethimba lakhe basebenze ngokuzikhandla ukubhekana nalesi simo, ukuze babone ukuthi bangenza kanjani. Kodwa ngokuhlolisisa isimo, yena nethimba lakhe bathathe isinqumo esinzima sokumisa lonke uhambo emazweni ehlukene obekumele babe nalo. Isinqumo esiya phambili ngalo mcimbi sizophethwa maduzane futhi ngokuhamba kwesikhathi sizomemezela kubalandeli bakhe okuzokwenzeka,” kuchaza isitatimende.
Siveze ukuthi lo mculi ukuba nesikhathi nomndeni wakhe yikona okubalulekile kulesi sikhathi esinzima ababhekene naso.
Labo abanamathikithi alo mcimbi baveze ukuthi bazobathumelela imiyalezo ebaqondisa ukuthi benze njani ekupheleni kwaleli sonto.
Kulo mlilo kubikwe ukuthi kucekeleke phansi imizi yosaziwayo abaningi abadumile emkhakheni wamafilimu, umculo nezinhlelo zethelevishini.
Abanye abaveze lokhu kubalwa uLeighton Meester, Adam Brody, Julia Louis-Dreyfus, Joshua Jackson, Anna Faris, Ricki Lake, Cary Elwes, Cameron Mathison, Spencer Pratt nabanye.