UMCULI kamaskandi osemnkantshubomvu uthi ngokwakhe bese kumele angavuswa amacala abhekene noMnuz Jacob Zuma obengumengameli wakuleli.
UPhuzekhemisi Mnyandu ube esebuza ukuthi kanti uZuma wenzeni kubani?
“Izinto zepolitiki asazi zisebenza kanjani. Kubuhlungu ukuthi azohlukumezeka ngalolu hlobo njengomuntu oke waphatha izwe,” kusho uPhuzekhemisi.
Iqembu likamaskandi Izingane Zoma, elaziwa ngokweseka uJacob Zuma, lithi selethembele emthandazweni ngodaba lukaZuma.
NgoLwesihlanu ntambama uMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi kuzwelonke uShaun Abrahams wamemezela ukuthi uZuma kumele ashushiswe ngamacala awu-16 ahlanganisa inkohlakalo, ukukhwabanisa nokushushunjiswa kwemali.
“UMsholozi yindoda esiyesekile. Sasingaphikisani nomthetho. Uma kusamlandela akukho esingakusho ngoba akekho ongaphezulu komthetho. Sizomthandazela,” kusho uShobeni Khuzwayo, umphathi weqembu.
Ngaphambi kokuthi uZuma abe ngumengameli, Izingane Zoma zakhipha ingoma eyayimeseka ngesikhathi ebhekene necala lokudlwengula elagcina ngokuthi aphume phambili kulona.
Ngo-2012 zakhipha i-albhamu ethi Dark or Blue: JZ Second Term elalimeseka ngayo ngokuthi akhethwe ihlandla lesibili lokuhola i-ANC ngaphambi kwengqungquthela eyayiseMangaung.
Ngo-Okthoba nyakenye ngesikhathi kunomcimbi i-Essence Festival eThekwini, uZuma wanikelela leli qembu ngeToyota Quantum entsha ngokumeseka.
“Manje isizwe sizogcina sazi ukuthi bukhona yini ubuqiniso kulezi zinsolo. Asikuphikisi ukuthi umthetho uthathe indawo yawo kodwa kumele kwenzeke ngendlela okuyiyo,” kusho uKhuzwayo.
Uthe beyiqembu bazolilandelela icala.