ISIKHULU senkundla yokulalela umculo iSpotify, sithi bazibophezele ekuqinisekiseni ukuthi abaculi bayakwazi ukuphila ngomsebenzi wabo.
UJocelyne Muhutu-Remy, umqondisi ophethe kwaSpotify eSub Saharan Afrika, ukusho lokhu ngesikhathi inkampani idalula imali eyisabalalise kubaculi nyakenye ngenxa yezingoma zabo ezisetshenziswa kule nkundla.
“Ngokuveza imali eyenziwe ngabaculi enkundleni yethu ngonyaka odlule asikhombisi nje ukuthembeka kwethu kepha sikhombisa nabaculi ukuthi kuyakhokha ukukhipha umsebenzi wabo,” kusho uJocelyne.
Izibalo ziveza ukuthi abaculi bakuleli benze imali elinganiselwa kuR200 million kwiSpotify nyakenye, okuyimali ephindwe kathathu uma kuqhathaniswa naseminyakeni emine edlule.
ISpotify ithe abaculi bakuleli baya ngokuduma emhlabeni jikelele kanti lokho kudala amathuba amakhulu.
Amapiano kuthiwa andlondlobala kakhulu futhi adlalwe izikhawu ezingaphezu kuka-1.9 billion ngo-2022. Kuthiwa lesi sigcawu somculo otholakala ngezobuchwepheshe, sisetshenziswa ngabantu abangaphezu kuka-550 million.
Kuthiwa umculo wamapiano uthuthuke phesheya kwezilwandle ngo-563% kule minyaka emibili edlule. Phakathi kwamazwe athakasela amapiano kubalwa i-United Kingdom, United States of America, Netherlands, Germany neCanada.
Umvuzo womculo otholwa ngabakuleli (royalties) ulinganiselwa ngaphezu kukaR50 000 noR500 000, futhi ukhule ngo-30%.
ISpotify ithe ithola imali ngokuthi abantu bakhokhele ukuyisebenzisa noma ngezikhangiso ezifakwa kwabangakhokhi. Imali elinganiselwa ku-70% wayo ikhokhelwa amaroyalty abaculi.
UMengameli womfelandawonye wezinyunyana zamaciko kuzwelonke iCultural and Creatives Industries Federation of South Africa (Ccifsa), uJoy Mbewana, uthe uma amaciko ekwazi ukwenza imali engaka enkundleni eyodwa, kumele uhulumeni asondele eduze nemboni.
“Yisikhathi sokuthi uhulumeni athi ukunyusa ekuxhaseni ezobuciko ukuze zisimame ngoba zingawufukula umnotho. Sizoke sizame nokubheka ukuthi yona-ke iSpotify, yikuphi ekutshala kuyo imboni ukuyithuthukisa. Nezinye izinhlangano ezizimele nazo, siyazinxusa ukuthi zitshale kwezobuciko,” kubeka uJoy.