UMDLALI wamaBhokobhoko uRG Snyman uzohlala isikhathi esingakadalulwa engadlali ngemuva kokulimala kowamanqamu eNdebe yoMhlaba bebhekene neNew Zealand ngenyanga edlule.
Ngokwesitatimende esikhishwe yiqembu lakhe iMunster, lo mdlali osukile egadeni ogijima endaweni ye-lock ulimale esifubeni ngasehlombe ngemuva kokuthatha indawo kaFranco Mostert esiwombeni sesibili kowamanqamu eStade de France ngo-Okthoba 28.
Uzohlinzwa kuleli kodwa iqembu lakhe alicacisanga ukuthi lilindele ukuthi kuthathe isikhathi esingakanani ngaphambi kokuthi alungele ukudlala.
Ngemuva komdlalo wamanqamu ugqamile ezinkundleni zokuxhumana egunda ozakwabo, u-Eben Etzebeth noJean Kleyn isitayela esifana nesakhe sokususa zonke izinwele emaceleni, zisale phezulu.
Ubeyingxenye yemibhiyozo yamaBhokobhoko ngesikhathi evakashela amadolobha ehlukene akuleli nendebe ngaphambi kokuthi kuvele izindaba zokuthi uzohlinzwa.
Sekukaningi eba neshwa lokulimala selokhu ajoyina iMunster ngo-2020 esuka kwiMie Honda Heat yaseJapan. Walimala kabi edolweni ngemuva kokudlala imizuzu eyisikhombisa emdlalweni wakhe wokuqala bebhekene neLeinster ngo-Agasti 2020. NgoJuni 2021 wayengomunye wabadlali abane beMunster abasha ngesikhathi botha umlilo, kanye nomunye umdlali wamaBhokobhoko uDamian de Allende.
Ubuyele enkundleni ngoSepthemba 2021 kodwa waphinda walimala edolweni emdlalweni wakhe wesithathu bedlala neScarlets ku-United Rugby Championship (URC).
Uze wabuya ngoMashi nonyaka wadlala indima enkulu emizuliswaneni yokugcina ngesikhathi iMunster inqoba isicoco se-URC. Leyo fomu iphinde yamsiza ukuthi aphinde afakwe esikwatini samaBhokobhoko.
ENdebeni yoMhlaba ubeyingxenye “yeBomb Squad” okuyiqoqo labadlali abebejwayele ukufakwa esiwombeni sesibili ukuze bashintshe umdlalo. Ushaye i-try ebalulekile emdlalweni owandulela owamanqamu eyabuyisela amaBhokobhoko emdlalweni agcina enqobe i-England ngephuzu elilodwa.
Ungumdlali wesithathu wamaBhokobhoko olimale kakhulu kule Ndebe yoMhlaba ebiseFrance. UMalcolm Marx walimala edolweni ngesikhathi iqembu lizilolonga futhi usazohlala izinyanga engadlali. Inyamazane uMakazole Mapimpi uphuke elinye lamathambo asebusweni kodwa kulindeleke ukuthi abonakale eqenjini lakhe, iHollywoodbets Sharks, maduze.