UZOGIXATSHEZWA ngenkontileka entsha kwiRichards Bay FC umqeqeshi, uVusumuzi “Kanu” Vilakazi, osize leli qembu lahlala kwiDStv Premiership.
IBay iqede iphezulu ngamaphuzu ayisishiyagalombili emidlalweni yePSL Promotion Play-Off ebiyidlala neBaroka ne-University of Pretoria okungamaqembu ayibamba kwiMotsepe Foundation Championship.
Idlale le midlalo ngenxa yokuqeda endaweni ka-15 kwi-log yePremiership. UVilakazi unikezwe umsebenzi wokushayela umkhumbi weNatal Rich Boyz ngoDisemba emuva kokuxoshwa kukaKaitano Tembo obephikwa yimiphumela emihle. Ufike washintsha izinto. Uphumelele ukuyihlenga ekudliweni yizembe eligcine ligawule iCape Town Spurs eqende endaweni ka-16.
Usihlalo weBay, uSifiso “Jomo” Biyela, uthe uVilakazi umfanele umsebenzi wokuqeqesha leli qembu ngesizini ka-2024/2025 ezoqala ngo-Agasti.
Ubekhuluma ngemuva kokuthi ezakhe zishaye iBaroka ngo 4-0 kowokugcina wokuhlunga ngoLwesithathu, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
“Iqiniso wukuthi uyilungiselani into uma ingonakele. Yebo, sizohlala phansi naye siqedele ezinye zezinto okufanele sizixoxe. Kodwa asikho isizathu... (sokumxosha). Lena ngenye yezinkinga esizenzayo. Silandela amagama, hhayi abaqeqeshi abangenza umsebenzi. Ngicabanga ukuthi sisifundile isifundo. Kungani uyilungisa uma ingonakele. Wenze umsebenzi oncomekayo. Usisuse emaphuzwini angu-12, wasibeka kwangu-30 ngabadlali ababodwa. Ngakho okwethu wukumeseka.
“Asikwazi ukumxosha manje ngoba sesisindile, sizibone sesibakhulu. Asikwazi ukwenza lokho. Kufanele sihloniphe. Thina singamaZulu, idlozi lingaxabana nawe uma uhlukumeza abantu bewenzile umsebenzi ngoba nakhu nje unamandla okwenza lokho,” kusho uBiyela.
Nakuba iBay isindile ezembeni kodwa ayiphelele injabulo kaBiyela osakhalela ukuthi leli qembu lidlale imidlalo yasekhaya enkundleni eMhlathuze Sports Complex eseRichards Bay.
INatal Rich Boyz isidlale amasizini amabili kwiPremiership eKing Zwelithini Stadium eMlaza, njengekhaya layo. Lokhu kwenzeka ngenxa yokuthi isalinde kuphele ukulungiswa kwekhaya layo kulandela ukuthi iPremier Soccer League (PSL) ilihlonze njengelingekho ezingeni lokudlalela imidlalo yesigaba esiphezulu. UMasipala uMhlathuze sekunesikhathi ukhomba isikhathi le nkundla ezolunga ngaso kodwa kugcine kuphelele emoyeni.
“Sidinga ukuphindela eRichards Bay. Uma singadlaleli eRichards Bay siyohlala sinezinselelo. Uma siza lapha (eMlaza) siqasha inkundla sizilungiselela ngosuku olwandulela umdlalo, sikhokhele indawo yokulala, siyiqashe ngosuku lomdlalo. Asinabo abaxhasi. Ulindeleni kithina? Into engasisiza ukuthi sidlalele eRichards Bay. Uma sisadlalela ekuhambeni siyohlala sinezinselelo,” kusho uBiyela.
“Anginayo inkundla, angifani neBaroka. Ngithembele kuMasipala ukuthi unginike inkundla. Silinde wona ukuthi uqedele konke. Anginaso isiqiniseko sokuthi bayathanda. Kufanele benze okulungile. IRichards Bay akuyena uJomo Biyela. IRichards Bay iyiqembu. Yingakho sithi yiRichards Bay ngoba sifuna leli qembu ukuthi libe ngelabantu baleya ndawo. Nginethemba lokuthi emuva kwalokhu bazoyibhekisisa indaba yethu.”