UMDLALI wasesiswini kwiRoyal AM, u-Elias “Domingues” Pelembe, uthi kusavutha umlilo esifubeni sakhe futhi akakayicabangi eyokugaxa amakhokho emgibeni yize esesondele ku-40 weminyaka yobudala.
Ukunokucabanga ngokuwagaxa emgibeni, uPelembe ogubha iminyaka engu-39 yobudala namuhla, uthi usazimisele ngokunqoba ezinye izicoco phezu kwalezi asezinqobile emaqenjini adlale kuwona eminyakeni edlule.
“Sengizuze okuningi ebholeni, cishe okufiswa ngabadlali abaningi abadlala ibhola elikhokhelayo eNingizimu Afrika,” kusho uPelembe, ofike eNingizimu Afrika ngo-2007 ezodlala kwiSuperSport United.
“Lokho akusho ukuthi senganele ngesengikuzuzile ebholeni njengoba ngisashabashekekele ukuzuza okunye naleli qembu engilidlalelayo njengamanje.”
UPelembe, ojoyine iRoyal AM ngesizini edlule esuka kwiPolokwane City, nguyena mdlali omdala kunabo bonke kwiDStv Premiership njengamanje.
Lo makadebona waseMaputo, eMozambique usenqobe izicoco ezine zePremiership namaqembu ehlukene, okuyiSupersport, iMamelodi Sundowns neBidvest Wits.
Udle neseNedbank Cup neSundowns neseMTN8 neWits.
Kule sizini uPelembe usadlale imidlalo engu-11 kuyo yonke imincintiswano okubalwa nemine yeCaf Confederations Cup, ezakhe ezikhishwe kuyo yiTP Mazembe ngoLwesithathu ebusuku.
IMazembe ibabhule ngo 3-0 sekuhlanganiswe imilenze emibili esigabeni sokuhlungela amaqoqo.
“Leli yiqembu elinabadlali abanekhono nabalambele impumelelo, ngakho ngikholwa wukuthi ngiseqenjini elikahle njengoba nami ngingumdlali ohlale ephokophelele ukunqoba ngaso sonke isikhathi,” kusho uPelembe.
“Ngaphandle kwami sinabadlali abanjengoRicardo (Nascimento) noThabo (Matlaba) asebeke banqoba izicoco, ngakho ukuphokophelela ukunqoba yinto ekithina.
“Ngiyazi ukuthi kwabanye umdlali osekule minyaka yobudala engikuyona njengamanje bamthatha njengomdlali osephelelwe ngushatini.
“Mina kodwa ngingasho ngokungangabazi ukuthi ngisazodlala, ngoba umzimba wami nengqondo yami kusangivumela.”
IThwihli Thwahla kuyiwe ekhefini leWorld Cup izinto ziyiphika emidlalweni yePremiership njengoba kwemithathu yokugcina inqobe owodwa yehlulwa kwemibili, okubalwa ebhaxabulwe kuwo ngo 3-0 yiMamelodi Sundowns, lokho okuyibeka endaweni yesishiyagalolunye kwi-log.
Izobuyela ensimini ngokuvala unyaka neCape Town City, eCape Town Stadium, eKapa, ngoDisemba 30.
Abanye abadlali asebebedala kwiDStv Premiership:
. UVuyo Mere (38) weTS Galaxy
. UDenis Onyango (37) weMamelodi Sundowns
. ULindokuhle Mbatha (37) weTS Galaxy
. UKennedy Mweene (37) weMamelodi Sundowns.