UMENGAMELI waMaZulu FC, uSandile Zungu, ubonge wanconcoza kwabakwaSpar ngokweseka leli qembu iminyaka engaphezulu kwengu-40 ngesikhathi ememezela inkampani yezokuxhumana i-Amandla Mobile njengabaxhasi abasha boSuthu kusukela ngo-2024/2025.
Ebukhazikhazini bomcimbi obungaphandle kwaseMoses Mabhida izolo, uZungu ukhangise ngejezi elisha loSuthu nabadlali abahlanu asebebasayinisile.
Ngaphandle kokuhlukanisa koSuthu noSpar, nenkampani yakwaGrinrod ebingabaxhasi abafakwa emkhonweni wejezi kusukela ngo-2021, ngeke isaqhubeka kodwa indawo yayo isizothathwa iZungu Investments engenye yezinkampani zikaZungu.
Ijezi loSuthu okukhona eliluhlaza okotshani, eliphuzi nelimhlophe abazowasebenzisa ekuhambeni, umbhalo othi-Amandla Mobile uzoba ngaphambili kwejezi bese kuthi imikhono igqize ngeZungu Investments.
“Okusemqoka kunakho konke ukubonga kwabakwaSpar ngokuma naleli qembu iminyaka engaphezulu kwengu-40,” kusho uZungu.
“Ngendlela Usuthu olusuka kude ngayo noSpar kunesikhathi lapho belubizwa khona ngegama lalesi sitolo.
“Singabaphathi beqembu bamanje asisoze sawakhohlwa amagalelo akwaSpar ekulibekeni la likhona okuyinto efanayo nakulaba abebeliphethe ngaphambi kwethu.
“Ngoba ubudlelwano bethu noSpar bese budonse iminyaka, sizithole sinwaya amakhanda ngesikhathi sekucaca ngesizini edlule ukuthi umshado uyaphela.
“Ngenhlanhla AmaZulu awashodi ngasezinkampanini ezifisa ukusebenza nawo, sihlale phansi sacubungula zonke izicelo sagcina ngokuqoma kwa-Amandla Mobile ngoba kuningi esinezinkolelo ezifanayo kukhona.
“Sivumelene ngokuyigodla imininingwane egcwele ngoxhaso ngaphandle kokuthi esikuthole kubaxhasi bethu abasha kungaphezulu kwalokhu esikukhangezwe uSpar ngesizini edlule,” kusho uZungu.
Lesi sikhulu asizange siphumele obala nangesikhathi esizodonswa inkontileka sizeseka ngokuthi bavumelene ngokuqhubeka uma kusemnandi kodwa uma behlangabezana nezingqinamba endleleni banawo uphawini wokunqamula isivumelwano.
Lo mcimbi ubuhanjwelwe, uCarl Motaung, oyisikhulu esiphezulu sakwa-Amandla Mobile, ochaze le nkampani njengeyasungulelwa ukufukula ababebala elimnyama.
“Siyinkampani yabebala elimnyama ezimisele ngokukhanya njengesibali emkhakheni wezokuxhumana ngosizo lwabakwaMTN,” kusho uMotaung.
“Kungenxa yentshisekelo yethu yokuguqula umnotho waseNingizimu Afrika uwele kwabebala elimnyama, siqome ukubambisana nezinkampani ezixhumene nabantu njengaMaZulu noMTN.
“Lolu xhaso lwaMaZulu luyinto enkulu kulokhu okuhloswe i-Amandla Mobile okuwukuqinisekisa ukuthi akekho osala ngaphandle kubantu baseMzansi ikakhulukazi uma kuthinta ezokuxhumana,” kushaya uMotaung ngamafuphi.
Abadlali abasha abthulwe Usuthu; uKwanda Mngonyama, Etiosa Ighodaro, Luvuyo Phewa, Boniface Haba noSenzo “Mbhobho” Ndlovu.