Umgijimi wakuleli, u-Akani Simbine, uphinde wakhuphula amathemba okubuya nendodo kuma-Olympic azoqala kuleli sonto eParis, eFrance, ngokuphuma endaweni yesibili emjahweni ka-100m kwiDiamond League eLondon, ngempelasonto edlule.
Lo mjaho unqotshwe nguNoah Lyles wase-USA ngo-9.81, nokube yisikhathi esisheshayo aseke wasigijima kulo mjaho. USimbine uthathe indawo yesibili ngo-9.84, uLesile Tebogo waseBotswana wangena endaweni yesithathhu ngo-9.88.
Yize uSimbine engawuqalanga kahle umjaho kodwa ukwazile ukulwa waze wamdlula kancane uTebogo sebeqa umugqa.
“Ngijabule ngalo mjaho njengoba kuyisikhathi sami esihle kunazo zonke kulo nyaka. Ngicabanga ukuthi sesiyibambile eyesikhathi, kufanele silungise izinto ezincane ngaphambi kwama-Olympic. Ngiyakuthanda ukugijima eLondon, ngihlale ngigijima ngesivinini lapha futhi izihlwele zihlezi ziphume ngobuningi bazo,” kusho uSimbine kwi-website yeDiamond League ngemuva komjaho.
“Ngizizwa ngiwumqemane futhi ngijabule ngendlela engigijime ngayo. Lokhu kuzokhulisa ukuzethemba kimina ngaphambi kwama-Olympic. Kuhle ukwazi ukuthi umzimba wami usesimweni esihle nokuthi yikuphi lapho kufanele ngithuthuke khona kuleli sonto lokugcina.”
USimbine unqobe imijaho emibili yeDiamond League kulo nyaka. Udle umhlanganiso eChina ngo-Ephreli ngamasekhondi angu-10.01, waphinde wanqoba e-Oslo, ngoMeyi, ngangu-9.94.
Umzuliswano wokuqala womjaho ka-100m wabesilisa eParis uzoba ngo-Agasti 3. Umjaho owandulela owamanqamu kanye nowamanqamu uzoba ngosuku olulandelayo. Kuma-Olympic ango-2021 eTokyo, uSimbine kwala kancane athole indondo yakhe yokuqala kule midlalo, ephuma endaweni yesine.
Umcimbi wokuvula ama-Olympic aseParis uzoba ngoLwesihlanu kodwa kunemiqhudelwano ezoqala ngaphambi kwalokho.
Iqembu lakuleli lombhoxo weSevens lizovula eyamaqoqo ngokududulana ne-Ireland ngoLwesithathu ngo-5.30 ntambama, liphinde libhekane neNew Zealand ngo-9.30 ebusuku. Lizodlala umdlalo owokugcina wamaqoqo neJapan ngoLwesine ngo-4 ntambama.