INTOKAZI yaseLimpopo, uPrudence Sekgodiso, izifake emabhukwini omlando wezokusubatha eNingizimu Afrika ngesikhathi iba ngowokuqala odabuka kuleli owine indondo yegolide ku-800m kuma-World Indoor Championships ngempelasonto eNanjing, eChina.
Bekuqala ngqa emlandweni wezokusubatha eNingizimu Afrika ukuthi owesifazane abuye nendondo kuma-World Indoor Championships.
Le ntokazi esanda kuhlanganisa iminyaka engu-23 ubudala, iqopha lo mlando nje, ijoyine u-Akani Simbine naye wakuleli ogoduke nendondo yethusi kulandela ukulala kwakhe isithathu ku-60m emqhudelwaneni ofanayo kwabesilisa.
Ngaphandle kokuthi uSekgodiso ungowesifazane wokuqala owaseMzansi obuye nendondo kuma-World Indoor Championships, uqophe umlando wokuba ngowokuqala onqobe ku-800m.
Inkakha ehlonishwa umhlaba wonke, uCaster Semenya, yasigcina kuma-Olympics ukunqoba, hhayi kuma-World Indoor Championships.
USekgodiso ushaye intambo ngo-1:58.40 okuyisikhathi esingcono kunazo zonke emlandweni wezokusubatha kuleli banga eMzansi.
Ukuqala ngale ndlela kukaSekgodiso kuzomsiza ukuthi aye emijahweni elandelayo ehambela phezulu futhi kunguyena obhekiwe.
Ukunqoba kwakhe kufanele kukhuthaze nabanye abasubathi besifazane, ikakhulukazi abeza emuva kwakhe kwazise uSekgodiso akenzanga kahle kuma-Olympics eFrance. Nakuba uSekgodiso wayebalwa nokubhekwe ukuthi babuye nezindondo eFrance, kodwa kwagcina kungenzekanga kwazise kwathomba ukhiye kowamanqamu.
Nokho indlela avuke wazithatha ngayo ikhombise ukuthi kukhulu angakwenza kulo mdlalo uma ezinikele ngokugcwele.