UFUNGE wagomela ukuthi uzolilwela iphupho lakhe lokumela iNingizimu Afrika kuma-Olympics kulandela ukukhishwa eqenjini elizomela uMzansi emidlalweni ezoba seParis, eFrance, umsubathi wakuleli, uLuxolo Adams.
U-Adams (27) bekumele aye kuma-Olympic okokuqala ayogijima emjahweni ka-200m kodwa akaseyona ingxenye yeqembu lakuleli kule midlalo ezoqala ngoJulayi 26.
Izinguquko zibonakale ngesikhathi inhlangano eyengamele ezokusubatha emhlabeni, i-World Athletics, ikhipha amaqembu azomela amazwe ahlukene emidlalweni yeTrack and Field ngoLwesihlanu.
Izinguquko ezigqamile eqenjini laseNingizimu Afrika wukushintshwa kukaWayde van Nirkerk emjahweni ka-400m naseqenjini le-relay ka-4x400m, wafakwa koka-200m. UWayde wathola indondo yegolide emjahweni ka-400m kuma-Olympic ayese-Rio ngo-2016.
Kuphinde kwabonakala ukuthi u-Adams ukhishwe ngokuphelele ethimbeni lakuleli. Lo msubathi wazibekisela indawo eqenjini ngesikhathi eshaya isikhathi esingamasekhonsi angu-20.15 kumaWorld Championships eBudapest ngo-Agasti nyakenye.
Wagijima amasekhodi angu-20.44 kowandulela owamanqamu kuwona lo mqhudelwano. U-Adams ugijime okokuqala kulo nyaka emqhudelwaneni obuseBrescia, e-Italy, ngoJulayi 6, waqeda endaweni yesithathu ngamasekhondi angu-21.50.
Ngokwesitatimende asikhiphe emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana, uthe emuva kwalokhu wathola umyalezo owawumazisa ngokukhishwa kwakhe eqenjini eliya kuma-Olympic.
“Nakuba ngazibekisela indawo kuma-Olympic kwaphinde kwaqinisekiswa ukuthi ngizoba yingxenye yalo mqhudelwano, ngike ngabhekana nezingqinamba eziningi ngenxa yepolitiki eyenzeka emahhovisi ezemidlalo. NgoMashi nonyaka, ngaqala ukuba nezinkinga ezithinta umsipha osethangeni (hamstring). Ngathola usizo ngokushesha, ngahlolwa nge-MRI ngabe sengidluliselwa kuProf. Patricios, onguchwepheshe kulo mkhakha,” sifundeka kanje isitatimende.
"Bengilokhu ngixhumana ne-ASA kusukela ngoMeyi kuya kuJulayi, ngiyazisa ngakho konke okuqhubekayo. Yize udokotela wami engigunyazile ukuthi ngingenele umqhudelwano, i-ASA inqume ukungihoxisa eqenjini ngoba ithi angikulungele ukugijima.”
U-Adams uqhube wathi uhlose ukulwa nalesi sinqumo esithathwe sekusele kancane kuqale imidlalo.
“Ngaziswa ngo-WhatsApp ukuthi ngiyakhishwa eqenjini yize bungekho ubufakazi bokuthi angikho esimweni esifanele. Le sinqumo sithathwe sekusele amasonto amathathu ngaphambi kwama-Olympic futhi ngatshelwa ngendlela engahlelekile. Lokhu kukhombise ukungangihloniphi nokungakhathaleli isimo sami somqondo,” usho kanje u-Adams.
“Kuyaxaka ukuthi i-ASA ehlezi izishaya isifuba ngokuvikela abasubathi, ingiphathe ngale ndlela engihlukumeza ngokomqondo nasephaketheni. Le sinqumo sikhombisa ukuthi awukho umgudu oqondile olandelwayo.
“Singabasubathi sivame ukwesaba ukuzikhulumela ngoba sisaba ukujeziswa. Ngifuna ukuba yisibonelo kubo bonke abasubathi. Amaphupho ethu akumele ashatshalaliswe yipolitiki. Ngizoqhubeka nokulwela ubulungiswa, ukubekwa kwezinto obala nokunakekelwa kwemiqondo yabasubathi.
“Ngifuna kungenelele umthetho ngokushesha ukuze ngivimbele i-ASA ukuthi ingikhiphe eqenjini futhi icacise ukuthi izithatha kanjani lezi zinqumo.”
Imizamo yokuthola izikhulu ze-Athletics South Africa nezeSascoc ayizange iphumelele kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela ngenxa yokuthi izingcingo bezikhala zingabanjwa.
Bangu-35 abasubathi abazomela uMzansi kwiTrack and Field eParis. Bangu-24 abesilisa, abesifazane bangu-11.