IZIFUNDO iqembu lakuleli ezilithole ngesikhathi livakashele e-Australia zizoliqinisa emidlalweni elandelayo nakuba lihlulwe kuyona yomithathu imidlalo eliyidlalile.
Iqembu lase-Australia, amaDiamonds, elanqoba iNdebe yoMhlaba ebiseKapa maphakathi nonyaka, liguqise amaProteas ngo 62-43 emdlalweni wokuqala.
Liphinde lazenzela nasemidlalweni emibili elandelayo ebanjelwe eHobart linqoba ngo 67-52 ngeSonto nango 77-50 ngoLwesibili.
Bekungokokuqala amaProteas ebuyela enkundleni selokhu eqede endaweni yesithupha eNdebeni yoMhlaba.
Abadlali asebemnkantshubomvu abafana nokaputeni uBongi Msomi, Phumza Maweni, Karla Pretorius bebeyingxenye yeqembu elidlale e-Australia nabanye abadlali ababambe iqhaza kwiNdebe yoMhlaba njengo-Ine Mari Venter, Khanyisa Chawane, Jeante Strydom nabanye okubhekwe ukuthi bathwale leli qembu ukuya phambili.
Abanye abadlali abasha abafana noJamie van Wyk, Rolene Streutker noKamogelo Maseko nabo banikwe ithuba. UMsomi uchazekile ngendlela abadlale ngayo bebhekene neqembu elihamba phambili emhlabeni.
“Sifunde izifundo ezibalulekile ngesikhathi uchungechunge luqhubeka. Abanye abadlali besebekhathele, sekubonakala nasenkundleni. Ngicabanga ukuthi lokho kuyingxenye yezinto ezinkulu okufanele sizilungise,” kusho uMsomi.
“Ngiyaziqhenya ngabo bonke abadlali abancane abebesenkundleni. Kuyivelakancane ukuthi uthole abadlali abadala bejabulela ukuhlala ngaphandle badedele abasebasha balwe. Sesibe yingxenye yohlelo isikhathi eside, sikuqonda kahle ukuthi abaqeqeshi benzani nokuthi iqembu liphokophelephi futhi sijabule kakhulu ngalokho.
“Kuyajabulisa nokwazi ukuthhi uma sesilishiya iqembu sizobe sesibafundise okuthile abazoqhubekela phambili. Singakuthatha konke lokhu njengoba sibheke ohambweni olulandelayo lwase-England lapho kufanele sinyuse khona izinga.”
AmaProteas asezolungiselela uhambo olulandelayo oluya e-England lapho ezoba nemidlalo emithathu neqembu lasekhaya ngoDisemba.
Umdlalo wokuqala uzodlalelwa eManchester ngoDisemba 5, emibili yokugcina idlalelwe eNottingham ngoDisemba 8 nangoDisemba 10.