UKUGXEKWA kuka-Aubrey Modiba, weMamelodi Sundowns ezinkundleni zokuxhumana ngezinsolo zokushaya udaka ngesikhathi leli qembu lidlula ngengcacamezela kwiPolokwane City kowe-quarter final yeMTN8 muva nje kumenze wazinuka amakhwapha.
UModiba ukuveze lokhu ngesikhathi ekhuluma esithangamini nabezindaba ngoMsombuluko ngaphambi kokuthi iSundowns ibhekane neStellenbosch FC emdlalweni womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu we-MTN8 ngoLwesithathu ngo-7 ebusuku eLucas Moripe Stadium.
Enye yezinguquko zokuqala ezaqashelwa abalandeli kwiSundowns njengoba sekukhala isicathulo, sikaManqoba Mngqithi, ukuthi uModiba wayeboshelwe esiswini kowePolokwane.
Okwenze kwaqapheleka lokhu ukuthi bekwaziwa ukuthi, uRhulani Mokwena obengumqeqeshi, ubembophela njengomdlali wasemuva ophondweni lwangakwesokunxele.
Ngenxa yalokhu kusetshenziswa uMokwena kule ndawo, uModiba ugcine engasayibangi namuntu nakwiBafana Bafana okufakazelwe ukuyigijima kwakhe yonke eye-Africa Cup of Nations (Afcon) osekungumlando ukuthi elakuleli libuye nendondo yethusi kuyona ngasekuqaleni konyaka kwelase-Ivory Coast.
“Okungithusile ngobekushiwo abebengigxeka ukuthi bebecabanga ukuthi ngisontiwe kumbe ngidlaliswa indawo engingayazi,” kusho yena.
“Iqiniso ukuthi ngijwayele ukudlaliswa le ndawo uMngqithi angidlalisa kuyona. Mhlawumbe hhayi kangako kwiBafana kodwa kwiSundowns ngiyidlale kaningi.
“Ngokwazi kwami ngiyidlala kahle indawo uMngqithi ayengibophele kuyona kowePolokwane kodwa kuthe uma sengibona bengitinyela ngacabanga ngokunye.
“Abalandeli bebhola bayayiqonda into abasuke bekhuluma ngayo ngakho-ke ngikhethe ukukuthatha njengoba kunjalo abebengigxeka ngakho ngenhloso yokuhluza lokhu engibona kuzongikhulisa.
“Mhlawumbe iPolokwane iwenze kahle umsebenzi kwaze kwabukeka sengathi ngishaya udaka kodwa le ndawo uMngqithi abengidlalisa kuyona ngike ngiyidlale ngisho eqenjini lesizwe,” kuqhuba yena.
UModiba akakufihli ukuthi kubethusile ukuhamba kukaMokwena osekwiWydad Athletic yaseMorocco kodwa babuye bakhumbula ukuthi unobhutshuzwayo unjalo.
“Kuyathusa ukuqala into entsha ngisho ngabe akuwona unobhutshuzwayo kodwa kusisizile ukuthi iqembu liqhubeke nomqeqeshi ebesivele sisebenza naye.
“Ithimba labaqeqeshi lenza konke okusemandleni alo ukufaka isitayela salo kodwa okuhle ngalo ukuthi alisijahile.
“Kukhona obekunzima sisaqala kodwa njengoba kuhamba isikhathi nathi siya ngokuya siyajwayela ukuthi yini uMngqithi ayibheke kithina. Okumnandi ngaye ukuthi awukungabazi ukuthi uzizwa kanjani ngawe,” kuqhuba uModiba.
Mayelana nomdlalo wakusasa uModiba ulindele iqembu eliqinile kwazise iStellenbosch ibalwa nadlondlobala ngamandla ebholeni laseNingizimu Afrika.
“Ngeke sibenawo uphawini wokuzithambisa ngoba sizophaphama umdlalo usuphephukile. Kusemqoka ukuqinisekisa ukusala nokuthile kowasekhaya kwazise ekuhambeni kuzoba lukhuni kakhulu,” kuphetha lo mdlali weBafana.