OWEYEYISIQONGQWANE seMamelodi Sundowns, uThemba Mnguni, sifuna abuye eMzansi umqeqeshi, uPitso Mosimane, osanda kugawulwa yizembe neqembu laseSaudi Arabia.
UMosimane, oneziqu zokuqeqesha zeCaf Pro License, uhlulekile ukusiza i-Abha abeqashelwe ukuthi ayihlenge ingaweli esigabeni esiphansi. Ubeqashwe yileli qembu selivele lisengozini yokugawulwa yizembe.
Ufulathele leli ngo-2020, wajoyina i-Al Ahly yase-Egypt awine nayo izicoco ezahlukene okukhona kuzona ezeCaf Champions League. Emuva kwalokhu wafudukela eSaudi Arabia wayoqeqesha i-Al Ahli ne-Al Wahda ngokulandelana.
UMnguni, oqeqesha iqembu lika-U/11 nelika-U/13 enkulisa yeSundowns, uthe uMosimane kufanele abuye eNingizimu Afrika ngoba abadlali bakuleli bayaludinga ulwazi lwakhe.
Ungomunye wabadlali beSundowns abathola umsebenzi wokuqeqesha kuyona emuva kokuphanyeka amakhokho emgibeni nakuba ayeka ibhola eseyibamba kuMaZulu.
“UPitso Mosimane ngumqeqeshi ophezulu kakhulu. Okwamanje eNingizimu Afrika asinaye osebenza ngaphandle osezingeni lakhe. Ngokwazi kwami, ungumqeqeshi owazi cishe bonke abadlali kungakhathaleki ukuthi badlala esigabeni esiphansi noma kwesikhokhelayo. Uyabazi bonke ukuthi badlala kanjani. Siyizwe umuntu onjengoPitso Mosimane siyamdinga ukuthi abuye azosinikeza leso sipiliyoni anaso,” kusho uMnguni.
UMnguni ukhuluma kanjena asaqhubeka amahlebezi amatanisa uMosimane neKaizer Chiefs okumanje ithungatha umqeqeshi omusha. Amakhosi adinga umqeqeshi ozowabuyisela esicongweni. Abaningi babona uMosimane engaba yisixazululo enkingeni eseNaturena kwazise neSundowns wayithatha ngo-2012 itabalasa ngasemsileni we-log, wayishiya eseyiwinise iligi amahlandla ayisihlanu nezinye izindebe.
Nakuba abeChiefs bengayikhulumi eyomqeqeshi omusha kodwa kuyaziwa ukuthi ixoxile noMosimane ezinyangeni ezedlule ngaphambi kokuba ajoyine i-Abha.
“Ukubuya kwakhe kuzosisiza kakhulu siyiNingizimu Afrika. Ngicabanga ukuthi wazi u-90% wabadlali bakuleli ukuthi bamandla kuphi nokuthi babuthaka kuphi. Ngakho uwumuntu othi uma umcabanga, ukhumbule ukuthi uyalazi ibhola futhi wazi abadlali baseMzansi. Angikhethile ukuthi ujoyina liphi iqembu. UMosimane ubenomthelela omkhulu ekuveleleni kwabadlali abaningi okukhona kubona uTeko Modise, Katlego Mphela. Baningi abadlali abakhulisile nabavezile ebholeni laseMzansi,” kusho uMnguni.