INHLOKO yabaqeqeshi kwiMamelodi Sundowns, uManqoba “TV” Mngqithi, ikholelwa ekutheni isilomo esisha saleli qembu, uMalibongwe Khoza, sizobe sikwiBafana Bafana eya kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ezokuba seMorocco ngoDisemba wonyaka ozayo.
UMngqithi ukusho lokhu sakukloloda kulandela enye ingcwenga yebhola edlalwe nguKhoza (20) ngesikhathi iSundowns icoboshisa iSekhukhune United ngo 3-0 kwiBetway Premiership ngempelasonto edlule.
Lolu ngqwaza lwesitobha lukhushulelwe esikimini esikhulu seSundowns ngasekuqaleni kwesizini kulandela ukugqama ngendlela engazibeki kwiDStv Diski Challenge (DDC) ngesizini adlule.
UKhoza usedlale imidlalo eyisikhombisa esikimini sikaMngqithi, wayishaya kanye inethi. Maphakathi emuva, isikimu usibanga noMothobi Mvala, Grant Kekana, Rushine De Reuck, Mosa Lebusa noRivaldo Coetzee.
Ngokusho kukaMngqithi, uma uKhoza ezoqhubeka nokwenza into yamehlo ayenza masonto wonke, nakanjani uzolithatha iso lomqeqeshi weBafana, uHugo Broos.
Ukuze uKhoza afeze isifiso sikaMngqithi akufanele agcine ngokulwa nozakwabo kwiSundowns ngoba kwiBafana kukhona uRushwin Dortley weKaizer Chiefs, Nkosinathi Sibisi we-Orlando Pirates noSiyabonga Ngezana odlala phesheya kwezilwandle.
Ngasekuqaleni kwesizini, uMngqithi watshela abezindaba ukuthi uKhoza umkhumbuza inkakha yebhola laseMzansi, uMbulelo “OJ” Mabizela, owagqama kwi-Orlando Pirates, Mamelodi Sundowns nakwiTottanham Hotspur yase-England.
“Ongaboni ukuthi uKhoza uya ngokuya edlondlobala ngokuqhubeka kwemidlalo, okwakhe lokho kodwa mina ngibona umdlali weBafana kuyena,” kusho uMngqithi kwabezindaba.
“Ngihlabeke umxhwele ngaye. Konke akwenzayo kudala kunaye. Imiyalelo uyithatha injengoba injalo okuyinto ezomyisa kude kodwa unokwakhe azalwa nakho okuyisipesheli okungamdingi kangako umqeqeshi.
“Uma ezoqhubeka ngale ndlela angingabazi ukuthi uzobe ekwiBafana eya kwi-Afcon eMorocco ngonyaka ozayo.
“Konke kulele kuyena. Ngiyazi ukuthi ngeke ngimvumele ukuthi aphume endleleni, ngakho-ke angingabazi ukuthi uKhoza uzobe ekwiBafana ngonyaka ozayo,” kusho uMngqithi.
Mayelana nokunqoba kwiSekhukhune lo mqeqeshi uthe, uneme kodwa asecabanga ngakho manje wukubhekana ne-AS FAR yaseMorocco kwiCaf Champions League ngoMgqibelo ekuhambeni.