ULAMBELE ukudlalela iBafana Bafana umdlali omusha weKaizer Chiefs, uKearyn Baccus, obeyibamba ezikwatini ezincane zase-Australia.
UBaccus (27) odabuka eWentworth eThekwini, ufudukele phesheya kwezilwandle nabazali bakhe esemncane.
Ubuye okokuqala eMzansi njengoba esezodlalela iChiefs ephekwa ngumqeqeshi u-Ernst Middendorp.
UBaccus uncamele ukushiya ubukhazikhazi base-Australia nethuba lokudlalela iqembu lesizwe lakhona elikhulu elishaya ngabadlali abadumile ngoba efuna ukufezekisa isifiso sakhe sokudlalela iBafana eNingizimu Afrika. Ubegijima kwiMelbourne City yase-Australia.
“I-Australia inginike ithuba lokudlala khona. Ngabona kulungile ukuthi ngidlalele izikwati ezincane zakhona.
“Ngidlalele esika U/18 nesika U/21. Ngike ngabizwa ekhempini yeqembu lesizwe elikhulu kodwa angikaze ngidlale. Ngicabanga ukuthi ngisengayidlalela iBafana noma yona i-Australia. Ngiyafuna ukuyidlalela iBafana kodwa uma kungenzeki ngingabuyela kwi-Australia,” kusho uBaccus.
“Kodwa okwamanje ngisafuna ukugxila ekutheni ngenze kahle kwiChiefs ngiyisize iwine imidlalo.
“Okunye kuzolandela. Womabili amazwe kukhona anginike khona. Uma ngenza kahle eqenjini lami, ngiyathemba ukuthi kukhona okuzoqhamuka.”
IChiefs inejoka lokuwinela abalandeli bayo izindebe njengoba ngonyaka ozayo izogubha iminyaka engu-50 yasungulwa.
Ukungenzi kahle kwabadlali abasha kuzophinda kwengeze isigcwagcwa kuBobby Motaung oyimenenja okunguyena osayinisa abadlali. Abalandeli baMakhosi sekuneneminyaka bengabethembi ubuholi bakhe eNaturena.
“Bekungamasizini ambalwa anzima lapha kwiChiefs. Kodwa ngicabanga ukuthi yisona isikhathi esikahle sokuyijoyina ngenxa yalokho. Noma ubani engafika uma iqembu liwina, izinto zilula kodwa ngithanda ukufika uma izinto zinzima ukuze ngisebenze kanzima ukubuyisa izinsuku zenjabulo.
“Ngeqembu esinalo kule sizini, lokho kungenzeka. Sidinga ukusebenza kanzima, sibambisane. Ngiyathemba ukuthi izinto zizobuyela endaweni yazo,”kusho uBaccus.
“Kujwayelekile ukuthi ingcindezi ihlale kubadlali abasha. Wonke amaqembu afuna abadlali abasha benze kahle. Engingakusho ukuthi kuthatha isikhathi ukujwayela indlela okwenziwa ngayo izinto futhi abalanndeli kufanele bakuqonde lokho.
“Awukwazi ukwahluleka umdlali ngomdlalo noma emibili.Kufanele umbekezelele. Nginethemba lokuthi sizowenza umsebenzi.
“Angibasabi abalandeli. Ngiyayithanda ingcindezi nezimo ezinjalo. Sengike ngadlala ezinkundleni ezigcwele abantu abantu 70 000. Uzothola abalandeli abakuthandayo nabangakuthandi. Kujwayelekile.
“Ongakwenza njengomdlali wukusebenza kanzima wenzele iqembu nabantu abakhokhela ukulibuka.Yilokho esingakwenza singabadlali.”
NgoLwesihlanu iBafana akhuluma ngayo ishiywe umqeqeshi uStuart Baxter nokushiye iSafa ibhekene nenselelo yokuthol umqeqeshi ngokushesha ukuze iqale imidlalo yokuhlungela i-Afcon 2020 ngoNovemba isimi ngomumo.