UMQEQESHI wePolokwane City, uPhuti Mohafe, ufunga uyagomela ukuthi ngeke bayeke ukulwela ukuhlala endaweni yesithathu kwi-log yeBetway Premiership yize omkhaya babo, iSekhukhune United, bebadlisela ogageni kule ndawo eyisango lokuyodlala emqhudelwaneni weCaf.
IPolokwane engagayelwa mphako selokhu kuqale le sizini, iphinde yaqhubeka nefomu yayo yokuqoqa amaphuzu iguqisa iSupersport United ngo 1-0 ngoLwesihlanu kowePremiership, eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.
Ngokunqoba kwayo iSupersport, ibuyele endaweni yesithathu kwi-log.
“Iqembu elizosinika inkinga ekulweleni kwethu ukuhlala endaweni yesithathu kwi-log kuze kube sekugcineni, ngomakhelwane bethu iSekhukhune United.
Kodwa ngeke siyeke ukulwela ukuhlala endaweni yesithathu ngoba siyazi ukuthi ukuqeda kwethu kule ndawo ekupheleni kwesizini yikhona okuyosivulela ithuba lokuyodlala e-Afrika (Caf Confederation Cup). Ukucabanga nje ngethuba lokuqeda endaweni yesithathu kwi-log ekupheleni kwesizini nokuyodlala e-Afrika kuyasikhuthaza ekuqhubekeni nokusebenza kakhulu kunakuqala, sinqobe imidlalo,” kusho uMohafe.
Yize iPolokwane isayibambe ngohlelo kule sizini kodwa uMohafe uveze ukuthi abakawufezi umgomo wamaphuzu abebezibekele wona ngomzuliswano wokuqala wesizini.
“Ngenkathi siqala isizini sizibekele umgomo wamaphuzu esiwadinga ngomzuliswano wokuqala kodwa lowo mgomo asikawufezi. Ngicabanga ukuthi sisalele emuva ngamaphuzu amahlanu ukuwufeza lowo mgomo, ngakho sidinga ukuqhubeka nokuwina. Okunye esisalwa nokukulungisa wukushaya amagoli. Yebo, siyawashaya amagoli kodwa asiwashayi ngokwanele ngoba sakha amathuba amaningi sehluleke ukuwasebenzisa ngendlela efanele.”
UMohafe uthathe izintambo zokuqeqesha iPolokwane maphakathi nesizini edlule ngemuva kokwesula kukaLehlohonolo Seema oseqeqesha iSekhukhune. Iqembu lakhe yilona kuphela elisashaye iMamelodi Sundowns kwiPremiership.
Emidlalweni engu-14 yePremiership, iPolokwane isalelwe wumdlalo owodwa ukusonga umzuliswano wokuqala ezowudlala neChippa United ngoFebhuwari 1.
Ngaphambi kwalokho, izotholana phezulu neqembu elidlala kwiSafa Mpumalanga ABC Motsepe League, i-The Bees, emdlalweni weNedbank Last 32 ngeSonto e-OId Peter Mokaba Stadium, ePolokwane.