UMDLALI weHollywoodbets Sharks, uBongi Mbonambi, uthi sekuyisikhathi sokuthi bazinuke amakhwapha bengabadlali njengoba iqembu liqhubeka nokushaya udaka enkundleni.
ISharks iphinde yabulawa ngesibhaxu ngoMgqibelo emdlalweni we-United Rugby Championship ngesikhathi ixetshulwa yi-Emirates Lions ngo 40-10.
Lo mphumela ushiye leli qembu lisemsileni kwi-log ngamaphuzu angu-10 emidlalweni engu-11. Kule midlalo linqobe owodwa, ladliwa kweminye.
“Njengabadlali kumele sizibuze thina imibuzo ngemuva kwalo mphumela. Asikwazi ukukhomba abanye abantu ngeminwe. Sinomsebenzi omningi kakhulu okusamele siwenze,” usho kanje uMbonambi esitatimendeni esiphanyekwe emakhasini eSharks ezinkundleni zokuxhumana.
UMbonambi, obehola iqembu ngoMgqibelo ngenxa yokuthi uLukhanyo Am ubephunyuziwe, uphinde waveza ukuthi uxolisile kunompempe, u-Aimee Barrett-Theron, kulandela ukushayisana kwabo ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala somdlalo.
ISharks ibicabanga ukuthi ishaye i-try kodwa yaphikwa ngenxa yokuthi kukhona omunye wabadlali bayo odlalise kabi oweLions.
Ngesikhathi uBarrett-Theron esachazela okaputeni bobabili ngesinqumo, uMbonambi uvele wazihambela esakhuluma. Unompempe ube esembizela eceleni wacela ukuthi bahloniphane enkundleni.
“Ngiwuhlobo lomdlali ozinikela ngokuphelele ngakho-ke kwesinye isikhathi ngeqiwa yimizwa. Ngiyabahlonipha ngokugcwele onompempe neqhaza abalibambayo emdlalweni wethu. Bekungeyona inhloso yami ukuthi ngibonakale njengomuntu odelelayo noma okungasebenzeki naye. Ngixolisile kunompempe ngesikhathi sekhefu futhi bengingaqondile ukungamhloniphi,” uqhube kanje.
Umqeqeshi weSharks, uJohn Plumtree, unxuse abalandeli ukuthi baqhubeke nokubabekezelela njengoba besazama ukulungisa izinkinga ababhekene nazo.
UPlumtree neqembu lakhe bazothola isikhashana sokulungisa amaphutha ngaphambi kokuthi babuyele enkundleni ngoMashi 23 ukuyodudulana ne-Ulster yase-Ireland eHollywoodbets King’s Park.