Nguye uZongo odume ngokuziphatha kabi ngaphandle kwenkundla, odalula eyokusayiniswa yiRoyal AM ohlelweni olusakazwa nge-internet iPrime Sports With Mahlatse.
Inkulumo yakhe ifakazelwe ngusihlalo weThwihli Thwahla, u-Andile Mpisane, ocashunwe kwi-Instagram, ethi: “UZongo kwiRoyal AM ngesizini ezayo".
Ukuqinisekisa lokhu Isolezwe ngeSonto lithinte uMaMkhize ongumnikazi weqembu kodwa wacela ukungasho lutho ngemibiko ethinta uZongo.
"Okwamanje kangithandi ukuphawula ngodaba oluthinta uZongo. Ngicela ukuphawula ngabadlali okumanje bakwiRoyal AM nesizobe sinabo ngesizini ezayo," kusho uMaMkhize.
"Engingakusho wukuthi bakhona abadlali abasemiqondweni yethu, esifuna ukubasayinisa. Yikho nje ukuthi ngeke ngikwazi ukudalula amagama abo okwamanje. Sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi sigijima ngegiya elifanayo nangesizini ezayo.
“Usihlalo weqembu u-Andile, uthanda ukunika ithuba abadlali abasebancane (nokushayisanayo nokusayinisa izingwevu ezinjengoThabo Matlaba noRicardo Nascimento), abasalambile. Uma kuvalwa isizini sizokwenza imiqhudelwano emalokishini nasemakhaya esizohlwaya kuyo laba babadlali."
Inxele elinguZongo ligcine ukubonakala kwiTshakhuma ngo-2020. Alihlalanga isikhathi eside sekubikwa ukuthi kalaziwa likuphi nezwe. UZongo uqale ibhola elikhokhelayo kwiSuperSport United kodwa uke wadlala nakwiVasco da Gama, Bidvest Wits, Chippa United iRoyal AM isaziwa ngeRoyal Eagles.
Njengamanje iRoyal AM ilele isibili kwi-log yeDStv Premiership ngamaphuzu awu-44. Isalelwe imidlalo emihlanu isonge iligi. Siziqalile izinkulumo ezithi ingelinye lamaqembu azoya neMamelodi Sundowns emidlalweni yeCaf.
IThwihli Thwahla iphinde iqhathwe neMamelodi Sundowns kwisemi final yeNedbank Cup ongoMgqibelo.
Ebuzwa uMaMkhize ukuthi sebewaqalile yini amalungiselelo emidlalo yase-Afrika, uthe:
"Asiyibo abantu ababala amachwane inkukhu ingakachamiseli. Sisasalelwe yimidlalo emihlanu okuyiyo ezosicacisela okuningi. Sizoqala ukwenza umalungiselelo eCaf uma sesazi ukuthi siya khona".
Namuhla badlala owomkhaya naMaZulu eChatsworth Stadium ngo-3 ntambama.