UKUSETSHENZISWA endaweni ehlukile enkundleni akuzange kuwuphazamise umgqigqo womdlali weHollywood Sharks, uSiya Kolisi, kunalokho uveze ukuthi kumnike amandla amasha.
Lo mdlali ujwayele ukudlala kwi-flank, kunombolo 6, muva nje usesetshenziswa kunombolo 8 okuyindawo yokugcina kuma-looseforward.
Ubeyibambe lapho ngesikhathi iSharks iguqisa i-Exeter Chiefs ngo 39-21 emdlalweni wayo wokuvula i-Investec Champions Cup ngoMgqibelo ntambama.
Kulo mdlalo obuseHollywoodbets Kings Park, uKolisi ushaye ama-try amabili waphinde wagqama kwezinye izigaba ezahlukene zomdlalo njengokudlubulundela phambili nebhola aphinde avimbe abahlaselayo beChiefs, wagcina eqokwe njengomdlali ovelele.
“Ngiyakujabulela ukudlala kule ndawo ngoba yilapho engaqala khona ukudlala umbhoxo. Yilapho umqeqeshi uRassie (Erasmus) angibona khona ngisafunda isikole. Kuhle kakhulu ukubuyela kuyona ngoba ngithola isikhathi esiningi sokuphatha ibhola nokwenza umehluko emdlalweni,” kusho uKolisi.
Umqeqeshi weSharks, uJohn Plumtree, ukholelwa wukuthi ukusebenzisa uKolisi kule ndawo kumvumela ukuthi asebenzise wonke amakhono anawo kanye nesipiliyoni sakhe.
“Ngiyayithanda indlela uSiya adlala ngayo kunombolo 8. Uyalithola ibhola futhi sibonile ukuthi uyakwazi ukulisebenzisa. Unamava futhi ungumdlali okhaliphile, owuqonda kahle umbhoxo,” kusho uPlumtree.
“Ufuna ukumbona ephethe ibhola njalo yingakho emuhle kule ndawo. Ngicabanga ukuthi naye uyakujabulela kakhulu ukudlala lapho. Njengoba uVincent (Tshituka) noJames Venter belimele, uSiya usazodlala indima enkulu. Udlala kahle impela.”
Kusazobonakala ngokuhamba kwesikhathi ukuthi ukushintshwa kwendawo edlalwa wuKolisi kuzoba yinto egcina kwiSharks kuphela noma ingase iqhubeke yini naseqenjini lesizwe, amaBhokobhoko.
ISharks izodlala owesibili wamaqoqo eChampions Cup neLeicester Tigers eWelford Road Stadium, eLeicester, ngoMgqibelo ngo-7.30 ebusuku.
ILeicester ixetshulwe yiBordeaux Begles yaseFrance ngo 42-28 emdlalweni wabo wokuvula ngeSonto.