INHLANGANO eyengamele ibhola eMzansi, iSouth African Football Association (Safa), ayihlehli ohlelweni lwayo lokukhokhisa abadlali imali yokujoyina yaminyaka yonke.
Lokhu kuvele engxoxweni nomengameli wayo, uDanny Jordaan, ngesikhathi ehambele imidlalo yeKZN Premier’s Cup oLundi ngempelasonto. Emasontweni adlule kusuke umsindo ngesikhathi kuputshuka incwadi iSafa ebiyibhalele bonke ososeshini ekhuluma ngendaba yokukhokhisa abadlali imali yobulungu. Kuthiwa iSafa iqala lolu hlelo ngenhloso yokufukula le nhlangano edonsa kanzima ezimalini.
Emasontweni adlule i-SABC ibike ukuthi iSafa iphakamise ukuthi umdlali ngamunye ongaphansi kwezinhlaka zayo akhokhe imali ephakathi kuka-R100 no-R200 ngonyaka. Bekuthiwa abadlali abaneminyaka engaphansi kuka-11 bazohlukana no-R100 njalo ngonyaka ukuze bahlale ohlelweni lweSafa. Abangaphezu kweminyaka engu-19 ubudala bazokhokha u-R200 ngonyaka. Kuthiwa uma lolu hlelo lungaphumelela, iSafa izoqoqa imali elinganiselwa ku-R300 million ngonyaka emalungeni angaphezu kuka-3 million eNingizimu Afrika.
Ngesikhathi iputshuka eyokukhokhisa abadlali, abanye abaholi bososeshini bayiphikile. Kwezinye izindawo kuvele ukuthi omengameli bososeshini bayikhahlela ngezinyawo zombili. Bakhale ngokuthi ezindaweni abakuzo kubhoke indlala ngakho abakwazi ukulindela ukuthi abadlali bazoba nemali yokukhokha kwiSafa.
UJordan uthe lolu hlelo bazoluchaza kahle ngokuhamba kwesikhathi.
“Sizosithola isikhathi sokuzwakalisa ukuthi simi kuphi futhi sichaze kahle. Asikho isidingo sokuxhamazela nesokwehla senyuka. Sizokuchaza kahle konke. Kodwa ngaphambi kokuba le ndaba icutshungulwe ngokuphelele ngaphakathi kwiSafa, asikwazi ukuphawula. Ngaphandle kwalokho singabheka ukuthi kungani incwadi yaputshuka nokuthi ubani owayiputshuza. Bekusakhulunywa, asikho isidingo sokuphanga umdaka. Uhlelo lokukhokha lwenziwa emhlabeni wonke. Uma uya endaweni yokuzithokozisa uyakhokha. Uma ugibela ibhasi uyakhokha. Uma ungena esitolo kufanele ukhokhe. Kodwa sizochaza kahle ukuthi iyini inhloso ngalolu hlelo,” kusho uJordan.
OLundi uJordan ubehambisana nosihlalo weSafa KwaZulu-Natal, uKwenzakwakhe Ngwenya. Uncome lesi sifundazwe ngokuhlela iPremier’s Cup esiza amaqembu adlala kwiPremier Soccer League (PSL) ukuthi azicijele isizini entsha. IRoyal AM iyona equkule indebe emuva kokwehlula iMaritzburg United kowamanqamu.