UKUNGAWUDEDELI umgqigqo iKaizer Chiefs evale ngawo unyaka odlule,0 yikhona okuzoba wukhiye esiwombeni sesibili seDStv Premiership uma kungukuthi leli qembu laseNaturena lizimisele ngokukhumbuza abantu bakuleli ukuthi lingobani.
Lena yinkulumo esakuphaka impi ephume emlonyeni kaCavin Johnson obanjiswe kuMakhosi kuze kuphele isizini ngesikhathi ekhuluma nethimba labezindaba leChiefs ngomdlalo wayo weligi neRoyal AM ngeSonto ngo-3.30 ntambama, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
UJohnson obeqashelwe ukuba iso lezinkulisa zeChiefs, uzithole esemelwe wukuqhubeka neqembu ngesikhathi lihlukana noMolefi Ntseki okunguyena obeqale isizini ka-2023/2024.
Ngaphansi kwesandla sikaJohnson, kube sengathi iyavuka emaqandeni iChiefs kwazise ziye ekhefini le-Africa Cup of Nations (Afcon) eseyibeke endaweni yesithupha kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-24. IMamelodi Sundowns eqhwakele, inawu-38 kodwa isele ngemidlalo emibili kwiChiefs.
Kusukela ethathe umsebenzi, lo mqeqeshi oneminyaka engu-65 ubudala ushayele umkhumbi weChiefs emidlalweni yeligi eyisikhombisa lapho enqobe khona kwemine, wahlulwa kwemibili wase edlala ngokulingana kowodwa.
“Sikufuna konke okuhle esingakuthola esiwombeni sesibili sesizini kusukela kwiNedbank Cup kuya ekuqedeni endaweni ezosifaka emidlalweni yeCaf (Champions League) ngoba siyiChiefs,” kusho uJohnson.
“Kusemqoka ukuthi sifike emidlalweni kuzwakale ngaso sonke isikhathi kusukela manje kuze kuphele isizini kodwa okumqoka kunakho konke wukuqhubeka nomgqigqo esivale ngawo unyaka odlule.
“Lokhu kuyasibopha ukuba siqhubeke nokuqoqa amaphuzu agcwele. Lokhu kuzosipha namandla okuqinisekisa ukuthi sihamba ibanga elide kwiNedbank kodwa konke kuqala ngeRoyal AM ngeSonto, eMphithi,” kuqhuba uJohnson.
Lo mqeqeshi akaqondi ukuthi bazofica iRoyal AM enjani kulo mdlalo kodwa ngokwakhe uvele ugxile kakhulu kulokhu abebekwenza njengoba bekunekhefu.
“Ngiyaqonda ukuthi iRoyal AM ibimatasa njengawo wonke amaqembu ilungiselela ukubuya kwemidlalo kodwa iqiniso ukuthi angazi ukuthi yini okufanele siyilindele kubona.
“Siyazi nokuthi abavunyelwe ukusayinisa abadlali ngakho-ke laba abakhona bazofuna ukuhlangana nakakhulu kodwa konke lokhu ngeke kube yinkinga kithina uma sizofika emdlalweni sikhombise ukuthi siyiChiefs,” kuphetha uJohnson.