UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, uyavuma ukuthi amaphutha abadlali basemuva abe nomthelela ekutheni kubukeke sengathi bashaye udaka emidlalweni emibili ka-Group K yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ne-Uganda neSouth Sudan ngokwahlukana.
IBafana ithole amaphuzu amane ngokwahlukana kwi-Uganda neSouth Sudan emidlalweni emibili ka-Group K eyidlalele ekhaya nasekuhambeni ezinsukwini ezimbalwa ezedlule.
Kule midlalo iBafana ikhombise izimpawu zokuba buthaka ikakhulukazi kubadlali basemuva okufakazelwa ukuvuma kukaBroos ngesikhathi ekhuluma nabezindaba eJuba, eSouth Sudan, ngoLwesithathu.
Ngeledlule iBafana ibambane ngo 2-2 ne-Uganda e-Orlando Stadium kwathi kuleli sonto yanqoba sekuvalwe amehlo ekuhambeni ngo 3-2 kwiSouth Sudan.
Emdlalweni we-Uganda kwasolwa unozinti, uVeli Mothwa ngamaphutha, ikakhulukazi ngegoli lesibili. Akazange avimbe kowesibili njengoba ezintini bese kukhona uSipho Chaine.
Emdlalweni weSouth Sudan kubatshazwe amaphutha kaSiyabonga Ngezane odale iphenathi, waphinde washaya into ephansi ebhekene nomdlali izitha zathola igoli lesibili.
“Siye kule midlalo emibili sinezinkinga kodwa enye yazo amaphutha abadlali basemuva abawenze ngabodwana ngokwahlukana kuyona,” kusho uBroos.
“Igoli lesibili emdlalweni we-Uganda kube iphutha kanjalo namabili angene sibhekene neSouth Sudan kube into efanayo.
“Kusemqoka ukuthi siwalungise la maphutha ngoba kumqoka ukuqoqa amaphuzu azosibeka ebuhleni ngo-Okthoba uma sesibhekene neCongo-Brazzaville,” kusho uBroos.
Lo mqeqeshi waseBelgium, uye kule midlalo elinyalelwe unozinti, uRonwen Williams, kanjalo nomunye wabadlali abajwayele ukuba ingxenye yeBafana, uMothobi Mvala, naye ulimele.
Okunye uBroos akhale ngakho ukuqala sekudlule isikhathi esejwayelekile kwe-Betway Premiership, athe kumphoqe ukuthi azibe abanye abadlali abajwayele ukudlala eqenjini lakhe ngoba ebona ukuthi bebengakayitholi imidlalo ebizobafudumeza. Iligi yakuleli yima izoqala kule mpelasonto.
“Lokhu akukhona ukuthi ngicasha ngesithupha kodwa iningi labadlali bethu alikayiqali isizini ingakho besingekho bukhali.
“Okusemqoka nokho ukuthi angikhali ngokwenzekile futhi ngiyakholelwa ekutheni sizobe sesingcono emidlalweni esizoyidlala neCongo. Uma singathola amaphuzu amane noma ayisithupha kuleyo midlalo sizobe sesizibeke endaweni engcono,” kusho uBroos.
I-Afcon ezayo izobanjelwa eMorocco, ngoDisemba 15 kuya kuJanuwari 18. Amaqembu amabili azobe ephezulu eqoqweni azozibekisela indawo. IBafana izodlala neCongo ngo-Okthoba 7 ekhaya nasekuhambeni ngomhlaka-15. Izobe isisala nowe-Uganda ekuhambeni (Novemba 11), noweSouth Sudan ekhaya (Novemba 19).