BATHENJISWE ulozolo lomdlalo ohamba nembudlu yamagoli abalandeli beBafana Bafana baseKapa namaphethelo njengoba izosonga u-Group K wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngokwamukela iSouth Sudan ngo-6 ntambama, eCape Town Stadium.
Umqeqeshi weBafana uHugo Broos, uthembise ukuthi iqembu lakhe lizodlala sengathi alazi ukuthi selivele liwuqedile umsebenzi.
Elakuleli selivele linalo ithikithi elibheke kwi-Afcon eseMorroco ngonyaka ozayo.
UBroos uthe uthembisa lokhu ngoba usezwile ukuthi abalandeli beBafana bawathenga ubuthaphuthaphu amathikithi okubuka lo mdlalo kwazise leli qembu lesizwe selineminyaka lagcina ukudlala eKapa.
“Sinethuba lokuqeda siqhwakele eqoqweni ngenqwaba yamaphuzu angu-14 ngakho-ke angisiboni isidingo sokuliyeka,” kusho uBroos kwabezindaba.
“Ngokwami kufanele ngabe siqeda sinamaphuzu angaphezulu kwalo-14 esiwubhekile ngenxa yamathuba esiwayekile kweminye imidlalo yethu ngesikhathi kuqhubeka eyokuhlunga.
“Siya kubalandeli baseKapa asebewathenge cishe wonke amathikithi ngokuzwa kwami. Okumnandi kakhulu ukuthi siya kulo mdlalo ngaphandle kokucindezeleka ngakho-ke ngifuna ukubona iBafana engenalo uzwelo kwiSouth Sudan.
“Ngibheke imbudlu yamagoli ehambisana nengcwenga yomdlalo ezobashiya benelisekile abalandeli baseKapa ngoba abalijwayele iqembu labo lesizwe,” kuqhuba uBroos.
Nakuba engazange anabe kodwa uBroos ukhulume sakugudla abathile abebasola ngokuthi babona sengathi iBafana inenhlanhla ngokungena bhusende kwi-Afcon.
Umphumela weCongo-Brazzaville obungalindelekile ishaywa iSouth Sudan ngoLwesine olwedlule, ukhulule iBafana yaya kowe-Uganda ngoLwesihlanu isivele isizibekisele indawo. IBafana ikwazile ukushaya i-Uganda ngo 2-0, okuyibeka esicongweni sikaGroup K ngamaphuzu awu-11.
“Ukunqoba kwethu e-Uganda kusisize nakulaba ababona sengathi singene ngenhlanhla kwi-Afcon yingakho kumqoka ukusonga ngewini encomekayo.
“Sinabo futhi banele abadlali abangasinika umphumela esiwubhekile kwiSouth Sudan. Kungangiphoxa ngendlela engachazeki ukungawuwini umdlalo weSouth Sudan ekhaya,” kusho uBroos.
Kubadlali abangajwayele ukuqala imidlalo, njengoPatrick “Tito” Maswanganyi, kubhekwe ukuthi uBroos abazwise njengoba lo mdlali we-Orlando Pirates engene washaya into yamehlo kowasekuhambeni ne-Uganda ngeledlule.