UMGADLI u-Ayanda Nkosi obolekwe iJomo Cosmos kuze kuphele isizini ka-2018/2019 uzibona esangaphinde aqhakaze kwi-Orlando Pirates.
UNkosi, owayedlala kwiMaritzburg United nakwiFree State Stars, usayine kwiPirates ekuqaleni kwesizini ka-2016/2017. Ufikele kumqeqeshi uMuhsin Ertugral osheshe walaxaza umsebenzi. Nokho uNkosi uthwale kanzima ukuthola ijezi kubaqeqeshi abahlukene, wahlushwa nawukulimala kumasizini amabili ekweZimnyama.
Ngesizini edlule udlale imidlalo embalwa esuka ebhentshini kuqeqesha uMilutin “Micho” Sredojevic. Ngaphambi kokuqala kwesizini kuvele ukuthi umphathi weCosmos, uJomo Sono, ufongqe isigqoko kusihlalo wePirates, u-Irvin Khoza, ecela ukubolekwa uNkosi.
“Ukuthi uBra J uziyele kusihlalo wayongicela kuyinto enkulu kimina. Ngizizwa ngihloniphekile. Ngiyabonga kakhulu kuyena. Okwenzeke kwiPirates kungiqinisile. Ngenhlanhla bekungeyona into entsha kimina ngoba ngibhekane nesimo esifanayo kwiMaritzburg. Kubuhlungu khona ngoba usuke ungaqondi ukuthi kungani ungadlaliswa. Kodwa ngisakholwa wukuthi ngizophumelela kwiPirates. Ngizobuyela ngiyoshaya amagoli. Okufanele ngikwenze wukusebenza lapha kwiCosmos ngibakhombise ukuthi benze iphutha ngokungibolekisa.”
Emdlalweni wokuqala kwiCosmos uNkosi ushaye igoli kodwa akawuqedanga umdlalo ngenxa yokulimala idolo. ICosmos kade ibhekene neTS Galaxy kaTim Sukazi. Emasontweni edlule uSono ukhale ngenkinga yokushaywa kwamagoli abhekene nayo kodwa wathi kumqinisa idolo ukubuya komgadli uCharlton Mashumba. ICosmos, ehluleke emidlalweni yokuhlungela iPremiership ngesizini edlule, isendaweni yesithupha kwi-log ngamaphuzu ayisishiyagalolunye emuva kwemidlalo eyisithupha.
“Siyiqembu sisebenzela ukwenza kangcono kunangesizini edlule. Kunabadlali asebebuyile abebekade belimele. Ngesizini edlule ukuba iHighlands Park ayingenanga kwiPremiership, noma kanjani bekuzongena iCosmos. Kufanele sisebenzele ukubuyisela uBra J lapho efanele ukuba khona,” kusho uNkosi.