NGEMUVA kokujika nelanga isikhathi eside, obeyisihlabani seKaizer Chiefs, uKhama Billiat, usegcine ezitholele ikhaya kwelakubo esayiniswa yiYadah FC edlala kwiZimbabwe Premier Soccer League.
UBilliat (33) osayine inkontileka yonyaka naleli qembu laseZimbabwe. Ulijoyina nje ubesephenduke umantuntanendishi kulandela ukugqabuka kwegoda phakathi kwakhe neChiefs ngonyaka odlule ngaphambi kokuqala kwale sizini.
Ukushiya kwakhe kuMakhosi kube ngemuva kokuba eshaye phansi ngonyawo ukuvuselela inkontileka yakhe naleli qembu laseNaturena.
Ngemuva kokuhlukana naMakhosi, lo mgadli bekubhekeke ukuba angalisweli iqembu njengoba emataniswa neZamalek yase-Egypt kodwa akwangalunga.
Uzame inhlanhla emaqenjini eDStv Premiership okubalwa kuwona iCape Town City neSupersport United. Nakhona ubhekwe yisambane njengoba egcine esebhekisa amabombo kwelakhe lenkaba, eZimbabwe.
Kuthe lapho sekubhekwe ukuba asayine kwiDynamos FC, eyiqembu elikhulu kwiZimbabwe Premier League, uBilliat wansondo washaya ingwijikhwebu eshiya izikhulu zaleli qembu ziphoxekile futhi zibila yintukuthelo esevumbuka kwiYadah FC kungazelele muntu.
Yize iYadah iyiqembu elingenamlando ebholeni laseZimbabwe futhi elihlale livikana nezembe kodwa kuvela ukuthi lo mgadli uhehwe ngetshe lemali yizikhulu. Kuthiwa selixhaswa ngezindodla zemali ngumphrofethi odumile eZimbabwe, uWalter Magaya.
Usihlalo weYadah, u-Everson Chatambudza, ukuqinisekisile ukusayina kukaBilliat eqenjini lakhe.
"Ngingakuqinisekisa ukuthi uBilliat usejoyine iYadah FC. Uzoba nathi unyaka owodwa. Sifuna asidlalele, ngakho-ke kungamampunge ukuthi uzobolekiswa kwiDynamos njengoba sekuke kwabikwa kweminye imithombo yezindaba."
UBilliat, onqobe izicoco neMamelodi Sundowns okubalwa neCaf Champions League ngo-2016, kwakubhekwe lukhulu kuye ngenkathi ejoyina iChiefs kumasizini amahlanu edlule kepha akangafinyelela ezingeni elalindeleke kuye.