UMPHAKO awunikwa yimenenja yakhe (Mike Makaab wePro Sport International) yokuba qotho emsebenzini wokudlala ibhola yiwo inkakha kanobhutshuzwayo uSiyabonga “Bhele” Nomvethe awubeka eqhulwini lwezinto ezimenza abalwe nezingwazi ezidlale isikhathi eside ngempumelelo ebholeni elikhokhelayo.
UNomvethe obekhuluma esithangamini nabezindaba eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoLwesihlanu lapho ememezele khona ukuthi uzowagaxa emgibeni amakhokho ekupheleni kwesizini ye-Absa Premiership
“Yisizini yami yokugcina le. Ngisuka kude kakhulu. Okokuqala ngithanda ukubonga umndeni wami, AmaZulu, iProSport International nabadlali baMaZulu. Yisizini yami yokugcina manje. Ngilujabulele kakhulu uhambo lwami. Angikaze ngicabange ukuthi ngizodlala iminyaka engu-24 yonke empileni yami yokudlala ibhola,” kusho le ngwazi, abalwa nezilomo ezinjengoGianluigi Buffon, John “Shoes” Moshoeu, Roger Milla nabanye abadlale abafinyelele eminyakeni engu-40 besadlala.
“Imenenja yami (uMike Makaab) yangifundisa okuningi njengokonga imali nokuthatha ibhola njengebhizinisi. Selokhu kwathi nhlo, ibhola ngilithatha njengebhizinisi. Abadlali abasebancane kufanele bazi ukuthi ukhiye ebholeni wuthando.”
“Ngeke ngilukhohlwe usuku lwanamuhla (lwayizolo). Ngiphatheke kahle eqenjini. Ngisazoqhubeka nokuba yingxenye yeqembu (AmaZulu) ngisho sengiyekile ukudlala. Ngifisa ukuba yisibonelo kubadlali abasebancane,” kusho uNomvethe.
Le nsephe iyahluleka ukuqoka njengento enkulu ukuzedlula zonke izinto ehlabane ngazo.
“Ngidlale kwiWorld Cup, ama-Olympics. Ngashaya negoli kwiWorld Cup. Ngike ngaba ngumshayimagoli ovelele, ngaba ngumdlali wonyaka. Ngiyahluleka ngempela ukuqoka okukodwa okuhamba phambili. Kuningi kakhulu,” kusho uNomvethe, onemidlalo engaphezu kuka-80 kwiBafana Bafana.
UNomvethe ubalwa kubagadli abahlanu kuphela abanamagoli angaphezu kuka1-100 kwiPremier Soccer League.
Esithangamini sayizolo uNomvethe ubesekwe yizikhulu zaMaZulu okubalwa kuzo imenenja jikelele uLunga Sokhela nemenenja yeqembu uQedi Dlamini nabaqeqeshi okubalwa kubo uCavin Johnson kanjalo nemenenja yakhe uMakaab weProSport International eyilokhu yangamela izidaba zalo mdlali.
USokhela uthe basazoxoxa nomasipala ngezinhlelo zokuhlonipha uNomvethe.
“Emehlweni ami uBhele yiyona nkakha yokugcina esinayo. Miningi imicimbi esisazoyihlela ukuhlonipha uBhele. Sisazohlaba nomkhosi kuhulumeni. UMasipala weTheku sizowucela ukuthi uphonse esivivaneni. Ngikholwa wukuthi bazolijabulela ithuba lokubandakanywa ekuhlonipheni leli qhawe. Idolobha ulisebenzele nalo sekuyisikhathi sokuthi limbonge,” kusho uSokhela.
Enanela uJohnson uthe: “Angu-16 amaqembu kwi-Absa Premiership kodwa ngicabanga ukuthi namuhla ngingumqeqeshi oweneme ukubedlula bonke abaqeqeshi ngokuba sezicathulweni zokwamukela isinqumo sikaBhele Nomvethe sokuwagaxa emgibeni. Ngikhuthaza abadlali bami ukuthi batshontshe kuBhele. Kumele batshontshe kuBhele.”
Uzobe ebhekiwe emdlalweni woSuthu neSundowns eKing Zwelithini Stadium, eMlaza kusasa ngo-3 ntambama.