NAKUBA ikhona eminye imidlalo ehlabahlosile yomlenze wesibili weLast 16 ye-Uefa Champions League kodwa akungatshazwa ukuthi umdlalo weReal Madrid neLiverpool yiwo obhekwe ngabomvu ngabaningi ngezizathu ezahlukene.
IReal Madrid izotholana phezulu neLiverpool emlenzeni wesibili weLast 16 yeChampions League, eSantiago Bernabeu Stadium, eMadrid, ngoLwesithathu ngo-10 ebusuku.
Emlenzeni wokuqala odlalelwe e-Anfield, eLiverpool, iMadrid ivuke indlobane ibhaxabula iLiverpool ngo 5-2.
Lo mphumela uvuna iMadrid ngenxa yesibalo samagoli ewashaye ekuhambeni, nokho lokho okungasho ukuthi isiwuqedile umsebenzi njengoba kusengenzeka noma yini kowomlenze wesibili.
ILiverpool ebisalokhu ibhala icisha kule sizini, yenze ezibukwayo ngeSonto eledlule yenza isilo sengubo iManchester United ngokuyixebula ngo 7-0 ovuthayo.
Empeleni ifomu yeLiverpool ibukeka ibuye ngesikhathi esifanele njengoba ibhekene nenselelo yokubuyisa izinduku kwiMadrid, nokuyikho okwenza kulindeleke ukuba kusiphuke izidindi, kunuke uhlofu kulo mdlalo womlenze wesibili.
ILiverpool ehluleke yancama ukuvikela isicoco sayo se-FA Cup esinqobe ngesizini edlule, nokubukeka esemfiliba namathuba okushisa kwayo umbango wesicoco se-English Premier League ngenxa yokulahla kakhulu amaphuzu, iChampions League yisona sicoco esikhulu njengamanje esisilwela.
Nakuba umqeqeshi waleli qembu, uJurgen Klopp, enokwesekwa okukhulu akunikwa ngabaphathi balo kodwa ukuqeda le sizini enganqobanga sicoco kusengenzeka kuyifake ingcindezi kulo mqeqeshi ogixabezwe ngenkunzi malanga yenkontileka embeka kule liqembu kuze kube ngu-2026.
Ngakolunye uhlangothi iMadrid eqeqeshwa yingwevu, uCarlo Ancelotti, ibhekene nenselelo yokuvikela isicoco seChampions League esinqobe ngesizini edlule iguqisa yona iLiverpool ngo 1-0 kowamanqamu.
Njengoba nayo iMadrid kubukeka singase siyiphunyuke isicoco seSpanish La Liga esivikelayo nesibanga nezimbangi zayo iBarcelona, eseChampions League yisona esenethuba lokusinqoba.
I-Los Blancos yiyona esisinqobe amahlandla amaningi ukwedlula wonke amaqembu ase-Europe isicoco seChampions League emlandweni, kwazise isisinqobe kwaze kwaba ngamahlandla angu-14.
Izibabuli zabagadli beLos Blancos, uKarim Benzema noVincent Junior okuyibona abahlinzele ezibini amaReds kowomlenze wokuqala e-Anfield, kubhekwe ngabomvu ukuthi zizoqhubeka yini nefomu yazo nakulo mdlalo wangoLwesithathu.
Kulindelwe okufanayo nasezinkalimeveni zamaReds ezisathelwe ngezibonkolo, uMahamed Salah noDarwin Nunez ekukhipheni amangwevu okuphendula amatafula kulo mdlalo, kwazise yizona ezatholela amaReds amagoli amabili emlenzeni wokuqala, ziguqa kwiLos Blancos.
Imidlalo esele yeLast 16 ye-Uefa Champions League:
NgoLwesibili - Ngo-10pm:
FC Porto v Inter Milan (Estadio do Dragao); Manchester City v RB Leipzig (Etihad Stadium)
NgoLwesithathu - Ngo-10pm:
Napoli v Eintracht Frankfurt (Diego Armando Maradona); Real Madrid v Liverpool (Santiago Bernabeu)