UMQEQESHI wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus, uchaze izizathu zokuguqula isinqumo sokumshiya ngaphandle u-Eben ‘Elizabedi’ Etzebeth eqenjini elizobhekana neNew Zealand e-Emirates Airline Park ngoMgqibelo ngo-4 ntambama.
Ngesikhathi ememezela iqembu ngoLwesibili, u-Erasmus udalule ukuthi kuzoqala uPieter-Steph du Toit benoRuan Nortje kwi-lock bese uMarco van Staden elinda ebhentshini. Lokhu kudalwe wukuthi kunenqwaba yabakuleli abajwayele ukudlala kule ndawo abalimele.
Nokho isimo sika-Etzebeth siye ngokuya sithuthuka, kwagcina sekunqunywe ukuthi aqale ebhentshini, kukhishwe uVan Staden eqenjini elizodlala lo mdlalo omqoka weRugby Championship.
“Umgomo wethu uthi uma umdlali engakwazanga ukuzilolonga ngoMsombuluko ngeke adlale ngoMgqibelo. U-Eben uzilolonge ngaphandle kwezinhlungu selokhu liqalile isonto. Ngakho-ke kudingeke ukuthi sithathe isinqumo esinzima sokukhipha uMarco,” kusho u-Erasmus.
“Besibathembile abadlali ebesibaqoke eqenjini elimenyezelwe kuqala kodwa njengoba sekukhona u-Eben ebhentshini kusho ukuthi sinomunye umdlali onguchwepheshe kwi-lock eqenjini.
“Sibusisekile ngokuba neqembu elikhulu elinabadlali abangu-45 abazibophezele ezinhlelweni zethu futhi abaqondayo ukuthi yini elungele iqembu. Iyancomeka indlela uMarco azamukele ngayo izindaba. Kuyakhombisa ukuthi ungumdlali oseqophelweni eliphezulu kanye nohlobo lomuntu ayilo.”
U-Erasmus uphinde wakhulula abadlali abane ukuthi bayojoyina amaqembu abo ngaphambi kwemidlalo yeCarling Currie Cup yale mpelasonto.
USteven Kitshoff noManie Libbok bazojoyina iqembu leDHL Western Province, uCanan Moodie ubuyele kwiVodacom Bulls, uMakazole Mapimpi uzohlangana nozakwabo kwiHollywoodbets Sharks.
Khonamanjalo, umqeqeshi weNew Zealand, uScott Robertson, wenze izinguquko ezimbili eqenjini elizoqala umdlalo.
UScott Barrett ungene edaweni kaSam Darry kwi-lock, kwathi uSam Cane wavala isikhala sikaDalton Papali'i kwi-flank.
Njengamanje amaBhokobhoko aqhwakele kwiRugby Championship ngamaphuzu angu-10, alandelwe ama-All Blacks anamahlanu. I-Australia isendaweni yesithathu ngamane bese i-Argentina iba semsileni ngeqanda.