AKUMKHATHAZI ukuboshelwa endaweni angajwayele ukudlala kuyona, uLukhanyo AM njengoba amaBhokobhoko ezobhekana ne-Australia kowesibili weRugby Championship.
Lo mdlali ungomunye wabazoqala uma elakuleli selidudulana namaWallabies e-Optus Stadium ePerth, ngoMgqibelo ngo-11.45 ekuseni.
U-Am walima indima enkulu ngesikhathi amaBhokobhoko enqoba iNdebe yoMhlaba eJapan ngo-2019. Nokho, akazange adlale ngesikhathi iqembu lakuleli livikela isicoco eFrance, nyakenye.
Waqale washiywa ngaphandle ngesikhathi kuqokwa iqembu ngenxa yokulimala edolweni. Wabizwa ngasekupheleni komqhudelwano eyovala isikhala sikaMakazole Mapimpi, owayelimele ebusweni.
“Ngicabanga ukuthi ukulimala kuyingxenye yomdlalo futhi ngibe nebhadi nje lokulimala ngesikhathi esibucayi. Lokhu kungibeke endaweni enzima kakhulu kumaBhokobhoko nakwi-Sharks. Ngakho-ke, ngijabule kakhulu ngendlela engiwumqemane ngayo manje futhi ngiwubheke ngambomvu umdlalo,” kusho u-Am.
U-Am ujwayele ukudlala ngaphandle kwi-centre, kunombolo-13, kodwa kulokhu uzodlala ngaphakathi kunombolo-12. Uzobe ebambisene no-Jesse Kriel, okunguyena obeseqhoqhobele indawo ka-13 ngesikhathi u-Am elimele.
“Ngicabanga ukuthi ukudlala nomdlali osezingeni eliphezulu njengo-Jesse kuzoba yinto emangalisayo. Ungumdlali onamava futhi njengoba nami ngiqonda ukuthi kunjani ukudlala ku-13 kusho ukuthi sizobambisana kahle,” u-Am uqhube kanje.
“Kuzobe kungokokuqala sidlala ndawonye emdlalweni wangempela kodwa yinto esesake sayenza uma iqembu lizilolonga. Sizokwenza izinguquko lapha nalaphaya kodwa ngikholwa ukuthi sizohlangana kahle.”
Umqeqeshi uRassie Erasmus wenze izinguquko ezingu-10 eqenjini eliqale ngesikhathi amaBhokobhoko enqoba i-Australia eBrisbane ngempelasonto edlule.
Uthe ulindele ukuthi abadlali abanamava babeseke laba abasebasha kodwa futhi bazobanika indawo yokuthi nabo basize iqembu.
“Ngicabanga ukuthi siyiqembu elinenqwaba yabadlali abanesipiliyoni ezingeni lamaqembu futhi abangaboholi ngezindlela ezehlukene. Yize sinabadlali abambalwa abasebancane noma abasha eqenjini kodwa akusho ukuthi bona abakwazi ukuhola,” usho kanje.