UMENGAMELI weCAA Southern Region, uMoses Bantsi, uthi bazosiphonsela inselelo isinqumo se-International Association of Athletics Federations (IAAF) sokuvimbela uCaster Semenya ukuqhubeka nokugijima kwi-800m nakwi-1500m.
NgoLwesine i-IAAF ikhiphe isitatimende ebisicacisa ukuthi kusukela ngoNovemba 1 nonyaka uSemenya kuzofanele adle umshanguzo wokudambisa amandla endoda anawo amenza abe nejubane elithe xaxa kunabanye abagijimi besifazane.
“Lesi sinqumo siyabandlulula futhi sehlisa uSemenya ekubeni azizwe engumuntu.
“Ngeke sihlale sisonge izandla sibukele ngoba lesi sinqumo sibandlulula omunye umuntu ongazidalanga. Ngakho akekho umuntu onelungelo lokunquma ngesimo sakhe.
“Siyisifunda kufanele siluphakamele lolu daba ngokuthi sinxenxe ezinye izifunda zeCAA nohulumeni bawo wonke amazwe ezwekazi i-Afrika ukuthi nabo bangele ngoba lena akuyona impi ebhekene noCaster kodwa ne-Afrika. Okuhle kakhulu nokunika umdlandla wukuthi ne-USA isizwakalise ukungahambisani nalesi sinqumo. Kuzodingeka izazimthetho, odokotela abasezingeni eliphezulu ekusiphonseleni inselelo,” kubeka uBantsi.
Nomengameli waseMairitius, uVivien Gungaram, futhi ongunobhala jikelele weCAA Southern Region, uthe umthetho uma ushaywa kufanele usebenze kuwona wonke umuntu, kwabesifazane nakwabesilisa ngokufanayo.
“Angiyena uchwepheshe oyisazi kwezempilo nokwelapha kodwa umbono wami uthi nabesilisa kuzofanele bahlolelwe ukuthi imizimba yabo ayiyikhiqizi ngokweqile i-testosterone, bese beba namandla kakhulu kunabanye. Ngicabanga ukuthi uCaster usenalo ilungelo lokuphonsela inselelo lesi sinqumo ngokulufaka ezinkantolo zomthetho ngoba umthetho uma usushayiwe awungakhethi iphela emasini,” kusho uGungaram.
Eminye imibiko eqhamuka phesheya kwezilwandle ngemuva kwalesi sinqumo se-IAAF, ithi sekunentokazi yase-India, uDutee Chand, esithumele uSemenya imininingwane yabammeli bayo abayisizile ngesikhathi nayo ibhekene nesimo esifana nesakhe ebesesiyenze yahlala iminyaka emine ingagijimi kodwa isibuyele emzileni.
Nakuba i-Athletic South Africa (ASA) ingakaphumeli obala ngendlela ebheka phambili ngale ndaba kodwa kuthiwa isasicubungula isinqumo ngezazimthetho zayo.
Ngisho ngoNgqongqoshe weZemidlalo kuzwelonke uTokozile Xaxa usigxekile isinqumo se-IAAF wathi bazosicubungulisisa maqede banxuse abathintekayo nezazimthetho ukuba bangenele.