ISIKHALA esivuleke kwiBafana Bafana ngenxa yokulimala kwenduku entsha yeMamelodi Sundowns, uTerrence Mashego, sivalwe ngoSiyanda Msani, weRichards Bay FC, ongomunye wabadlali abafike kwacaca esigabeni esikhulu sebhola laseNingizimu Afrika.
UMashego osanda kusayina kwiSundowns esuka kwiCape Town City ubuyiselwe eqenjini lakhe kwazise ufike elimele ekhempini yeBafana, ezozwana amandla neSierra Leone ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, e-FNB Stadium, eGoli.
Sekungokwesibili kulandelana ukuthi uMashego ayishiye phakathi ikhempu yeBafana ngenxa yokulimala. Kube into efanayo nasezinyangeni ezedlule ngesikhathi iBafana ilungiselela ukubhekana neMorocco ekuhambeni kowokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon), ese-Ivory Coast.
Akuzange kwethuse nokho ukuqokwa kukaMsani kwazise ungomunye wabadlali abakhanya njengesibani kwiBay elokhu iqhubekile nokumangaza kusukela ikhushulelwe esigabeni esikhulu ngokuba ompetha besigaba, esiphakela esikhulu ngesizini edlule.
Lo mdlali oneminyaka engu-21 obekwi-University of Pretoria ngesizini edlule, uyisithenjwa kwIBay kanti naseqenjini lesizwe labaneminyaka engaphansi kwengu-23 elizodlala kweyokuhlungela ukuya kuma-Olympics eParis ngonyaka ozayo, igama lakhe likhona.
Lezi zindaba ziqinisekiswe ithimba leSafa labezindaba ebelixoxa nodokotela weBafana, uTshepo Molobi, lapho ebelinabela khona ngokulimala kwabadlali ekhempini ehleli phansi nethimba leSafa labezindaba.
“UMashego noLyle (Forster), bafike ekhempini nemihuzuko kodwa kuthe uma kubhekisiswa kahle kwacaca ukuthi okuyikhona okungcono ukuthi babuyiselwe emaqenjini abo ukugwema izinkinga ezinkulu,” kusho uMolobi.
Ngaphandle kukaMashego noFoster izindawo zabo ezithathwe uMsani no-Ashley du Preez weKaizer Chiefs, umqeqeqshi waleli qembu lesizwe uHugo Broos, uphoqeleke ukuba ajike umqondo alande uSiyanda Xulu, e-Azerbaijan ukuzovala isikhala esivuleke ngokulimala kukaThibang Phete odlalela iqembu lase-United Arab Emirates (UAE).