UTHEMBISA abalandeli beKaizer Chiefs amaphuzu amathathu ukaputeni weqembu * -Itumeleng Khune njengoba bezobhekana ne-Ajax Cape Town emdlalweni we-Absa Premiership, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-8.15 ebusuku.
“Siyabanxusa abalandeli ukuthi batheleke ngobuningi babo enkundleni ukuze sizovala unyaka ngegiya eliphezulu. Akukho okunye esifuna ukubanika kona ngaphandle kwesipho samaphuzu amathathu,” kusho uKhune.
Lo nozinti uvumile nokho ukuthi izinto azihambi njengoba bebehlelile ekuqaleni kwesizini. IChiefs isiphuthwe izindebe ezimbili zomkhumulajezi - iMTN 8 neTelkom Knockout - kanti nasemidlalweni yeligi ibingakaze ibe naso isigqi.
“Siyazi ukuthi sesibaphoxe kakhulu abalandeli bethu, yingakho nje sifuna ukubanika uKhisimuzi omuhle ngokuwina umdlalo wokugcina wonyaka. Siyakubonga kakhulu ukuseseka abasinika kona. Besifisa ukuqoqa amaphuzu amaningi kunalawa esinawo kodwa ukudlala ngokulingana emidlalweni eminingi kusenzele phansi kakhulu,” kusho uKhune.
Nokho lo nozinti uthe abafuni ukuqeda enye isizini ingekho indebe abanayo njengoba kwenzekile kumasizini amabili edlule.
“KwiChiefs sihlale sifuna ukuwina izindebe. Kumele sigqugquzelane singabadlali ukuze senze kahle emidlalweni ezayo. Kwi-log yePremiership asimile kabi futhi ngiyakholwa ukuthi singasiwina isicoco uma singaqoqa amaphuzu angu-60 kuya phezulu. Imidlalo isephansi ngakho kusengenzeka noma yini. INedbank Cup nayo isekhona futhi kuzomele silwele ukuyiwina. Kumele kube khona indebe esiyiphakamisayo kulokhu, singaqedi isizini singenalutho.”
UKhune uchazile ukuthi kungani behlale bemvikela umqeqeshi wabo uSteve Komphela uma abalandeli befuna ukumudla luhlaza lapho iqembu lisuke lingenzanga kahle khona.
“Siwumndeni kwiChiefs, sihlale sikugcizelela lokho. Akumele kube khona okhonjwa ngomunwe yedwa uma iqembu lihluliwe. Uma siwina sisuke sikwenze lokho siyiqembu, noma sihlulwa kumele siqhubeke sibumbane. Thina badlali abadala, sinoSiphiwe Tshabalala, sihlale sishumayela leyo nto eqenjini. Kuwumsebenzi wethu futhi ngeke siyeke ukukwenza,” kuchaza uKhune.
Amakhosi azobhekana ne-Urban Warriors ngaphandle kukaWillard Katsande noJoseph Molangoane abadonsa izigwebo zamakhadi aphuzi. Lokhu kuzophoqa uKomphela ukuthi ayishintshe indlela abelokhu edlala ngayo emidlalweni edlule. Kungalindeleka ukuthi kudlale uWiseman Meyiwa esiswini kanti uSiyabonga Ngezana kubhekeke adlale emuva kwesokudla.
“Kumnandi kakhulu ukuthi sinabadlali abanekhono abakwazi ukudlala noma yikuphi enkundleni,” kuphetha uKhune.