USEMANQIKA ukuphanyeka amakhokho emgibeni umdlali weCape Town Spurs, uMichael Morton, osegawulwe yizembe kwiDStv Premiership naleli qembu.
ISpurs sekuqinisekisiwe ukuthi izodlala kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo njengoba kungekho esingakwenza ukuthi isuke emsileni we-log yePremiership.
Leli qembu ligawulwa yizembe nje, lenyukele esigabeni esikhulu ekuqaleni kwesizini emuva kokuwina kuma-Play Offs, lashovela kwalasha iMaritzburg United.
UMorton (35) ngomunye wabadlali abebewumgogodla weqembu ngesikhathi lizabalazela ukufika kwiPremiership. Ezinyangeni ezedlule, lo mdlali uveze ukuthi uzowaphanyeka emgibeni amakhokho ekupheleni kwesizini ka-2023/2024. Nokho okwehlele iSpurs kungenzeka ukuthi sekumenze washintsha umqondo. Uthe uzozwa kubaphathi ukuthi kuzokwenzekani ngeqembu, ngaphambi kokuthatha isinqumo ngekusasa lakhe.
“Sithole ngesonto eledlule ukuthi sigawulwe yizembe. Ngakho kukubona ukuthi bengathatha izinqumo ezinkulu. Ngiqinisekile ukuthi sizoxoxa emasontweni azayo, sibone ukuthi kwenzekani emuva kwalokho ngizothatha isinqumo. Ngizokhuluma neqembu ngithole ukuthi lifuna ukwenzani,” kusho uMorton.
“Bekungekho ezinhlelweni zami ukugcina kanje ebholeni. Bengingafuni ukuphuma ngigawulwe yizembe neqembu lami lokugcina. Angifuni ukuthi uhambo lwami ebholeni lusale nesithombe sezembe. Ngakho sizobona, ngizocabanga kahle. Sizobona ukuthi iqembu lifuna ukwenzani, ngithathe isinqumo.”
UMorton umanqika nje, iSpurs kulindeleke ukuthi ihlukane nenqwaba yabadlali abanye abazodayiselwa amanye amaqembu kwiPremiership. Kulaba badlali kukhona umgadli u-Ashley Cupido, Asanele Velebayi nokaputeni uChumani Butsaka.
Ngempelasonto edlule, iSpurs ibuye nephuzu ngesikhathi ibambana ngo 1-1 neLamontville Golden Arrows eHammarsdale. Nakuba bebengekho abanye babadlali bayo amamqoka kodwa ikhombise ukuzimisela enkundleni.
“Iqembu lidangele. Akukhona lokhu ebesikufuna (ukudliwa yizembe). Ngesikhathi sinyukela phezulu besinezinhlelo zokuhlala kwiPremiership. Ukudlala ngale ndlela ekubeni abadlali bedangele futhi iqembu libhekane nezinto elibhekane nazo, kuhle kakhulu. Bakhombise umqondo omuhle abadlali abasebancane phezu kokuba sekwaziwa ukuthi sibuyela kwiNFD (National First Division),” kusho uMorton.
ISpurs izovalelisa kwiPremiership ngokubhekana neKaizer Chiefs emdlalweni weligi eCape Town Stadium, eKapa, ngo-3 ntambama.