INHLOKO yabaqeqeshi kwiRichards Bay FC, uVusumuzi “Kanu” Vilakazi, ilitshele kwezikabhoqo ithimba labaqeqeshi leBaroka FC ukuthi alikhohlwe uma lizitshela ukuthi kukhona elizokuthola emdlalweni wokusonga eyokuhlunga kusasa ngo-3 ntambama, eKing Zwekithini Stadium eMlaza.
Kusezandleni zayo iNatal Rich Boys ukuzibuyisela emafutheni okudlala esigabeni esikhulu, iDStv Premiership kodwa kusekhona imizuzu engu-90 okufanele iyidlale neBaroka.
EzikaVilakazi ziqhwakele ngamaphuzu amahlanu kwi-log. Zilandelwa i-University of Pretoria (Tuks) ngamaphuzu alinganayo amahlanu, bahlukaniswe amagoli.
Emsileni kule log kuhleli iBaroka ngamaphuzu amabili okuzitolika ngokuthi uma inganqoba kwiBay ngamagoli amabili kuya phezulu bese igwema iqembu lasekhaya ukuthola igoli, kungaba iyona ekhuphukela kwiDStv Premiership.
Iwini ka 1-0 yeBaroka izoweza iTuks (esiyiqedile imidlalo), ingakho kusemqoka ukuthi izibambe ziqine ekhaya iBay.
Ngesikhathi uVilakazi ekhuluma nabezindaba emuva kokubambana neTuks ngo 1-1 ngempelasonto edlule ePitoli, ukubeke kwacaca ukuthi ngeke bayivumele iBaroka ukuthi ibaphazamise.
Lo mdlalo ububukwa ibamba lomqeqeshi weBaroka, uMorgan Mammilla.
“Umqeqeshi weBaroka (uMammilla) kufanele akuqonde ukuthi yena neqembu lakhe beza esibayeni seNatal Rich Boys ngakho-ke konke lokhu aphupha ngakho ngeke kwenzeke,” kusho uVilakazi.
UVilakazi ukhuluma kanjena nje, maphakathi nesonto eledlule, uMammilla ubekhuluma indaba yokuthi iTuks neBay kufanele badlale ngokulingana ukuze yena nezakhe bezofika ngosuku lokugcina benze imbedumehlwana esibayeni saleli qembu laKwaZulu Natal.
“Kusukela iqalile imidlalo yokuhlunga asikaze sishayelwe ekhaya ngakho-ke ngeke siqale ngokuvumela ukuthi iBaroka iqoqe amaphuzu agcwele emdlalweni omqoka ngale ndlela kithina.
“IBaroka sidlalile nayo esibayeni sayo yahluleka ukunqoba (1-1) ngakho-le ngeke iqhamuke isizosishayela ekhaya, ngeke!
“Iqiniso elimsulwa ukuthi uMammilla ukhuluma ngalokhu kuphupha nje, ingoba ubambelele ethembeni lokwazi ukuthi ukunqoba akwanele kepha kufanele ashaye imbudlu yamagoli okuyinto naye aziyo ukuthi ngeke ayenze ebhekene nathi enkundleni yethu,” kuphetha lo mqeqeshi ngokuzethemba.
Kusenjalo: IRichards Bay imemezele ukuthi kuzongenwa bhusende kulo mdlalo wayo neBaroka.
Ngokusho kwaleli qembu, abalandeli kufanele baye enkundleni ukuyomukela amathikithi ngaphambi kokungena enkundleni. Konke lokhu kuzokwenzeka ngosuku lomdlalo.