UJABULE ukuthi iqembu lidlale isitayela sekhilikithi elifuna ukusidlala emdlalweni walo wokuqala weNdebe yoMhlaba, umdlali weqembu lesizwe labesilisa lekhilikithi, u-Aiden Markram.
AmaProteas avule lo mqhudelwano ngokuguqisa iSri Lanka ngama-run angu-102 emdlalweni wamaqoqo e-Arun Jaitley Stadium eDelhi, ngoMgqibelo.
Iqembu lakuleli lithole ama-run angu-428 lalahlekelwa amawikhethi amahlanu kuma-over alo angu-50, layikhipha yonke i-Sri Lanka kuma-over angu-44.5 isashaye ama-run angu-326.
U-Markram ube ngomunye wabadlali abathathu baseNingizimu Afrika abashaye ama-run angu-100 ngamunye kulo mdlalo njengoba eshaye angu-106 emabholeni angu-54. Abanye ngoQuinton de Kock, oshaye ama-run angu-100 emabholeni angu-83, noRassie van der Dussen, oshaye angu-108 emabholeni angu-110.
“Uhlela izinto eziningi ngaphambi komdlalo. Kulindelekile ukuthi amaqembu amaningi azame ukuqagela ukuthi izimo zizoba njani ikakhulukazi njengoba sisuka eNingizimu Afrika sizodlala e-India. Sisuke singenaso isiqiniseko sokuthi sizobhekana nezimo ezinjani. Ukuthola inkundla enhle kusenze sakhululeka,” kusho uMarkram.
“Ngemuva kwalokho, sikwazile ukudlala ibhola ngendlela esilibona ngayo. Kubalulekile ukukwenza ngendlela efanele lokho kodwa sijabule ngokuthi sithole inkundla enhle futhi sakwazi ukudlala ngendlela ebesifuna ukudlala ngayo.
“Ngicabanga ukuthi iqembu lizimisele ukwenza konke okusemandleni kule Ndebe yoMhlaba bese siyabona ukuthi kuzosifikisa kude kangakanani. Besidume ngokuqala ngegiya eliphansi uma sidlala uchungechunge nasemiqhudelwaneni emikhulu ngakho indlela esiqale ngayo nokudlala uhlobo lwekhilikithi olusifake kulo mqhudelwano kuyinto enhle.”
UMarkram ushaye ama-run angu-100 emabholeni angu-49, waba umdlali wokuqala ukufinyelela kulesi sibalo ngamabhola angaphansi kuka-50 eNdebeni yoMhlaba. Irekhodi beliphethwe nguKevin O’Brien wase-Ireland owashaya ama-run angu-100 emabholeni angu-50 bedlala ne-England ngo-2011.
Yize ejabule ngakwenzile, uMarkram ukholwa wukuthi abanye abadlali basangenza kangcono kunaye kulo mqhudelwano uma bedlala ezinkundleni ezinhle.
“Indlela abadlali abashaya ngayo kulezi zinsuku yinhle kakhulu, ngeke ngimangale uma leli rekhodi liphulwa kuwona lo mqhudelwano,” usho kanje.
AmaProteas asezobhekana ne-Australia eLucknow ngoLwesine ekuseni.