IHollywoodbets Sharks izobe ihlose ukuqhubeka nomgqigqo wayo wokunqoba ekhaya uma isibhekene neVodacom Bulls emdlalweni we-United Rugby Championship.
Lezi zimbangi ezindala embhoxweni waseNingizimu Afrika zizodudulana eHollywoodbets Kings, eThekwini ngo-6pm.
ISharks ibuyise inqwaba yabadlali bamaBhokobhoko abebengekho ngesikhathi iguqiswa yiLeicester Tigers ngo 56-17 emdlalweni we-Investec Champions Cup phesheya ngoMgqibelo odlule.
USiya Kolisi, ongomunye wababuyile, uzohola iqembu ehambisana namanye amaBhokobhoko njengoVincent Koch, Ox Nche, Andre Esterhuizen, Aphelele Fassi noMakazole Mapimpi.
Iqembu likaJohn Plumtree alikapheleli njengoba abanye abadlali abamqoka njengoBongi Mbonambi, Eben Etzebeth, Grant Williams, Lukhanyo Am, Vincent Tshituka nabanye besalimele, kanti uDylan Richardson no-Emile van Heerden bayagula.
ISharks isayinqobe yonke imidlalo yayo yasekhaya kwi-URC kule sizini, ithela phansi iGlasgow Warriors, Munster neDHL Stormers.
“Kubalulekile ukuthi sivuke ngemuva kokuhlulwa kwiChampions Cup. Amalungiselelo ahambe kahle. Sidlala nelinye iqembu laseNingizimu Afrika, kuhlezi kunzima ukudlala neBulls futhi siyayazi inselelo esizobhekana nayo,” kusho u-Esterhuizen.
“Ukuyinqoba yonke imidlalo yasekhaya kwenza izinto zibe lula ikakhulukazi njengoba iminingi nemidlalo okumele siyidlale ekuhambeni. Uma uqinisekisa ukuthi uyanqoba ekhaya, amaphuzu owathola ekuhembeni afana nebhonasi.
“Siyazi ukuthi iBulls ihlale isebenzisa amandla, ngakho-ke kumele sikulungele lokho. Siyabazi kahle futhi nabo bayasazi.”
ISharks isendaweni yesithupha kwi-log ngamaphuzu angu-19 emidlalweni eyisithupha. IBulls ikweyesithathu ngamaphuzu angu-24 emidlalweni elinganayo.
Iqembu lasePitoli nalo likhale ngaphansi kwiChampions Cup ngempelasonto edlule, lishaywa yiNorthampton Saints ngo 30-21 eLoftus Versfeld.
Ngesikhathi la maqembu egcina ukubhekana emdlalweni we-URC eThekwini ngoJuni kwanqoba iBulls ngo 26-14.
Komunye umdlalo we-URC ozohlanganisa amaqembu akuleli, iStormers izogadulisana ne-Emirates Lions eDHL Stadium, eKapa, namuhla ngo-3.45pm.
Iqembu leSharks elizobhekana neBulls
Abazoqala: 15 Aphelele Fassi, 14 Yaw Penxe, 13 Ethan Hooker, 12 Andre Esterhuizen, 11 Makazole Mapimpi, 10 Jordan Hendrikse, 9 Jaden Hendrikse, 8 Siya Kolisi (ukaputeni), 7 Manu Tshituka, 6 Phepsi Buthelezi, 5 Emile van Heerden, 4 Jason Jenkins, 3 Vincent Koch, 2 Dylan Richardson, 1 Ox Nche.
Ebhentshini: 16 Ethan Bester, 17 Ruan Dreyer, 18 Trevor Nyakane, 19 Corne Rahl, 20 Nick Hatton, 21 Cameron Wright, 22 Siya Masuku, 23 Jurenzo Julius.