UVUMILE ukuthi kwehle umthwalo emahlombe abo kulandela ukunqoba i-Australia emdlalweni wokuvula iRugby Championship ukaputeni weqembu lesizwe lombhoxo labesilisa, uSiya Kolisi.
Iqembu lakuleli liqumbe phansi amaWallabies ngo 33-7 eSuncorp Stadium ngoMgqibelo. Bekungokokuqala linqoba kule nkundla selokhu laligcine ngoSepthemba ka-2013. Bese lihlulwe imidlalo emine ilandelana kule nkundla eseBrisbane.
UKurt-Lee Arendse ushayele amaBhokobhoko ama-try amabili kwathi uKolisi, Pieter-Steph du Toit noKwagga Smith bashaya i-try eyodwa ngamunye. USacha Feinberg-Mngomezulu uwabeke phakathi ngonyawo ama-conversion amane.
I-Aaustralia izithobe inhliziyo nge-try yokubika ebekwe nguHunter Paisami umdlalo usuyophela, u-Tom Lynagh wengeza amaphuzu amabili nge-conversion.
UKolisi uthe nakuba bejabule ngendlela abawuqale ngayo lo mqhudelwano kodwa kumele baqikelele ukuthi abawavumeli amaWallabies abuye emdlalweni wesibili kulo Mgqibelo ozayo.
“Kusobala ukuthi sike sadonsa kanzima lapha eminyakeni edlule futhi besigxile kakhulu ekutheni senze kahle kulo mdlalo. Siyazi ukuthi awubi umpetha ngokunqoba le midlalo emibili yokuvula kodwa ungaziqedela amathuba ngokungaqali kahle,” kusho uKolisi.
“Sidlale kahle kodwa kunezinto ezithile esingazilungisa. Siyazi ukuthi umdlalo olandelayo uzohluka kakhulu. Kusho lukhulu kithina ukunqoba umdlalo wokuqala nokuthola iphuzu elengeziwe ngoba siyazi ukuthi kuba nzima kangakanani uma ungaqalanga kahle.”
UKolisi uphinde waphawula ngomqeqeshi uRassie Erasmus osebuyele esikhundleni sokuba yinhloko yabaqeqeshi kulandela ukushiya kukaJacques Nieaber ekupheleni kweNdebe yoMhlaba nyakenye.
“Kuyinto ekhethekile ukuqeqeshwa nguye. Akufani nokuthi ubengekho eqenjini ngoba ubesebenzisana nathi yize ebenguMqondisi woMbhoxo ngesikhathi kuqeqesha uJacques (Nienaber). Nomqeqeshi uRassie ubesayingxenye yeqembu,” kusho uKolisi.
“Njengabadlali siyathanda ukuba naye ngoba wawudlala umbhoxo futhi akasabi ukusitshela amaqiniso. Usigcina endleleni efanele ngoba uma uyisihlabani kuyenzeka ufikelwe wukuzithwala. Uyasikhumbuza ukuthi kufanele sizithobe futhi sikhumbule ukuthi sidlalela bani.
“Siyayithanda indlela acabanga ngayo ngoba ihlukile kunabanye abantu. Uhlale ebheka ezinye izindlela zokwenza iqembu libe ngcono.”
AmaBhokobhoko aqhwakele kwi-log yeRugby Championshiop ngamaphuzu amahlanu. Alandelwa yi-Argentina enamaphuzu amane kulandela ukunqoba iNew Zealand ngo 38-30 eWellington ngoMgqibelo. AmaWallabies nama-All Blacks basabambene ngeqanda.