XOLILE MPISANE
UBUDLELWANO obusha phakathi kwenhlangano eyengamele umbhoxo kuleli, iSA Rugby, nenkampani ekhiqiza iziphuzo, iCoca-Cola, buzokwenza umehluko kuwona wonke amaqembu esizwe.
I-SA Rugby neCoca-Cola bamemezele lo budlelwano obusha beminyaka emine ngoLwesine.
Lokhu kusho ukuthi kusukela manje wonke amaqembu esizwe akuleli asezogqoka izikhindi ezinophawu lweCoca-Cola njalo uma edlala.
Kuwona kubalwa amaBhokobhoko esilisa nawesifazane, amaqembu esizwe abesilisa nawesifazane kanye nelika-Under-20.
Iqembu elibonakale kuqala nezikhindi ezigqize ngalolu phawu kube ngelesilisa leSevens, eliqale umqhudelwano wesithathu weWorld Sevens Series e-Australia, ePerth, izolo.
“Sijabule kakhulu ngokubuya kweCoca-Cola njengenkampani esibambisene nayo. Ukuzinikela kwabo kudala embhoxweni waseNingizimu Afrika kube neqhaza elikhulu ekuthuthukiseni lo mdlalo,” kusho isikhulu esiphezulu seSA Rugby, uRian Oberholzer.
“Lesi sinyathelo sizosisiza ukuthi sikhulise umbhoxo ngendlela ebandakanya wonke umuntu, sikhulise ukulandelwa kwalo mdlalo siphinde sixhumane nabalandeli ezweni lonke. Siyibheke ngabomvu imiphumela emihle ezolethwa yilokhu kubambisana.”
Ukungashiywa ngaphandle kwamaqembu esifazane kulolu xhaso kukhombisa ukuthi izinkampani ziyabubona ubumqoka bokutshala imali nasekuthuthukisweni kwemidlalo yabesifazane.
Lobu budlelwano buqale ngesikhathi esihle njengoba amaBhokobhoko esifazane elungiselela ukuyodlala eNdebeni yoMhlaba ezodlalelwa e-England kusukela ngo-Agasti.
Iqembu lakuleli lizoqala lo mqhudelwano kuPool D lapho liqhathwe khona neFrance, Italy neBrazil.
ISA Rugby neCoca-Cola banomlando omude njengoba le nkampani yayingomunye wabaxhasi ngesikhathi amaBhokobhoko enqoba iNdebe yoMhlaba ngo-1995.
Le nkampani yaphinde yafaka isandla nasekuthuthukisweni kombhoxo ngesikhathi kusungulwa iCoca-Cola Rugby School of Excellence nasemiqhudelwaneni yabadlali abasebancane eyaziwa ngeCoca-Cola Youth Week