UMQEQESHI weHollywoodbets Sharks, uJP Pietersen, uchazwa wukuthi yize inhloso enkulu bekuwukunika abadlali abasebancane amathuba kwi-Carling Currie Cup, iqembu selikwazile nokuzibeka ethubeni lokulwela isicoco.
ISharks iqhubekile nokudlondlobala kulo mqhudelwano ngesikhathi iguqisa iWestern Province ngo 31-23 eCape Town Stadium, ngoMgqibelo ntambama.
Ezika-Pietersen zishaye ama-try amane kulo mdlalo aqhamuke kuTino Mavesere, Jurenzo Julius, Nick Hatton, Eduan Keyter, azitholela nephuzu lebhonasi. ULionel Cronje uwabeke phakathi womane ama-conversion, washaya ne-dropgoal eyodwa.
IWestern Province ithole ama-try amabili ashaywe nguKyle Smith noVernon Matongo, kwathi uJurie Matthee wakhahlela ama-conversion amabili namaphenathi amathathu.
Lo mphumela ubeke iSharks endaweni yesithathu ngamaphuzu angu-26 emidlalweni eyisishiyagalombili, nokuwenza abe sethubeni lokuba ngelinye lamaqembu amane azodlulela kweyomkhumulajezi njengoba sekusele imidlalo emibili yamaqoqo.
IWestern Province isabambeke endaweni yesithupha ngamaphuzu angu-14 emidlalweni eyisishiyagalombili.
“Besingagxilile kakhulu ekutheni sikuphi kwi-log. Inhloso yethu enkulu bekuwukwethula abadlali abasebancane eqenjini,” kusho uPietersen.
“Kusobala ukuthi besifisa ukuthi iqembu lidlale kahle futhi lenza konke okufanele ebesifuna likwenze enkundleni. Bonke abadlali bombhoxo abadlala kuleli zinga bahlezi befuna ukunqoba yize sisuke sibheke okunye kakhulu.
“Lokho kusho lukhulu ngokuzimisela kweqembu. Ngicabanga ukuthi ubuholi bukaNick Hatton nendlela abaphosela ngayo inselelo abadlali yikhona okuholele ekutheni balangazelele ukutholela iqembu le miphumela emihle.”
ISharks izosonga eyamaqoqo ngokubhekana neNovaVit Griffons eHollywoodbets Kings Park ngoMgqibelo ngaphambi kokududulana neVodacom Bulls enkundleni efanayo ngoSepthemba 8.
Kubhekwe ukuthi ibophele abadlali azogijima kwi-United Rugby Championship kuyona yomibili le midlalo.